NgokukaLuka 14

14
UJesu Uphilisa Umuntu Onesifo Sokuvuvuka
1Kwathi ngesabatha uJesu waya endlini yomunye wabaFarisi oyisikhulu, eyokudla, bembheke ngeso lokhozi. 2Kwakukhona phambi kwakhe umuntu othile owayenesifo sokuvuvuka. 3 UJesu wayesebuza kuzo izazimthetho nabaFarisi, wathi: “Kuvunyelwe yini ukuphilisa ngesabatha noma qha na?”
4Kepha bathula du. Wayesemthinta lowo muntu, wamphilisa, wammukisa.
5 Wayesethi kubo: “Ngubani kini okungathi indodana yakhe noma inkabi yakhe ikhalakathele emgodini, angaphuthumi ayikhiphe, ngosuku lwesabatha na?”
6Bahluleka ukumphendula nakulokho.
Umzekeliso Ngokumenywa Nokuzithoba
7Wayesebalandisa abamenyiweyo umzekeliso, ebona beziqokela izihlalo eziphambili, wathi kubo: 8 “Uma umenyiwe emshadweni, ungahlali esihlalweni esiphambili, hleze kukhona omkhulu kunawe ammemileyo. 9Bese eza kuwe onimemileyo, athi: ‘Dedela lona, kule ndawo ohleli kuyo’, bese wena uhamba uyohlala kwesingezansi, uphoxekile. 10Kepha uma umenyiwe, hamba uhlale endaweni engezansi, ukuze kuthi lapho efika okumemileyo, athi kuwe: ‘Mngani, yenyukela ngenhla;’ khona uyakuba nodumo phambi kwabo bonke abahlezi nawe esidlweni. 11 Ngokuba bonke abaziphakamisayo bayakuthotshiswa; nozithobayo uyakuphakanyiswa.”
12Wayesethi kommemileyo: “Uma wenza isidlo sasemini noma sakusihlwa, ungamemi abangani bakho, abafowenu, umndeni wakini, nomakhelwane bakho abacebileyo, funa nabo babuye bakumeme, lokho kube ngumvuzo kuwe. 13Kepha uma wenza idili, mema abampofu, abakhubazekileyo, izinyonga, nezimpumputhe; 14uyakubusiswa, ngokuba abananto yokukubuyisela, kepha uyakuthola umvuzo ekuvukeni kwabalungileyo.”
Umzekeliso Ngesiphihli Sedili
15Esekuzwile lokho omunye wababehlezi naye esidlweni, wathi kuye: “Ubusisiwe lowo oyakudla isinkwa embusweni kaNkulunkulu.”
16Kepha uJesu wathi kuye: “Umuntu othile wenza isiphihli sedili, wamema abaningi, 17wayesethumela inceku yakhe ngesikhathi sedili, kulabo abamenyiwe, ukuyokuthi: ‘Wozani, ngokuba sekulungisiwe konke.’
18“Kepha bonke ngothi lwabo, baqala ukuzilandulela, bebeka izaba; owokuqala wathi kuye: ‘Ngithenge insimu, kudingekile ukuba ngihambe ngiyoyibona; ngiyakucela, ngixolisele impela.’
19“Omunye wathi: ‘Ngithenge amabhanqa ezinkabi eziyisihlanu, ngisayozihlola; ngiyakucela, ngixolisele impela.’
20“Omunye wathi: ‘Ngisanda kuthatha umfazi, ngalokho-ke angiphumeleli ukuza.’
21“Inceku isibuyile, yayibikela inkosi yayo ngalokho. Umninindlu wathukuthela, khona wayesethi encekwini yakhe: ‘Phuthuma, uye emigwaqweni nasemihubheni yomuzi; ungenise lapha abampofu, abakhubazekile, izimpumputhe, nezinyonga.’
22“Yathi inceku: ‘Nkosi, sekwenziwe lokho obuyale ngakho, kepha isekhona indawo.’
23“Inkosi yathi encekwini: ‘Phuma uye emigwaqweni nasezindleleni, ubanxenxe ukuba beze ukuze indlu yami igcwale phama.’ 24Ngokuba ngithi kini: akukho namunye kulabo abamenyiweyo oyakukuthi mbibi ukudla kwedili lami.”
Ukuba Ngumfundi KaJesu
(Mat. 10:37)
25Kwakukhona izixuku eziningi ezazihamba noJesu; waphenduka, wathi kuzo: 26 “Uma umuntu eza kimi, kepha engamdeli uyise, unina, umkakhe, abantwana, abafowabo, odadewabo, ngisho nokuphila kwakhe imbala, ngeke abe ngumfundi wami. 27 Nalowo ongathwali isiphambano sakhe, angilandele, ngeke abe ngumfundi wami.
28“Ngokuba ngubani kini ongathi efuna ukwakha umbhoshongo, angaqali ahlale phansi, abale izindleko ukuthi unakho yini okokuwuqeda na? 29Funa kuthi lapho esebeke isisekelo, bese engabi namandla okuwuqeda, kuthi bonke abakubonayo lokho, baqale ukumbhuqa, 30bathi: ‘Lo muntu waqala ukwakha kodwa kakwazanga ukuqeda.’
31“Noma iyiphi inkosi eya kwenye inkosi iyoyihlasela, ingaqalanga ngokuhlala phansi, icabangisise ukuthi iyokwazi yini ukubhekana nayo njengoba yona inezi-10 000 leyo eya kuyo inezi-20 000 na? 32Kungenjalo, ingathi isekude leyo nkosi, bese ithumela amanxusa, ukuba acele uxolo. 33Kanjalo-ke yilowo nalowo kini ongakudeli konke anakho, ngeke abe ngumfundi wami.
34 “Usawoti muhle, kepha uma usawoti usuduma, uyakuyoliswa ngani na? 35Awusakufanele ngisho ukusetshenziswa emhlabathini nasemqubeni, kepha ukuba ulahlwe ngaphandle. Onezindlebe zokuzwa makezwe.”

Okuqokiwe okwamanje:

NgokukaLuka 14: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume