NgokukaMathewu 11

11
1Kwathi ukuba uJesu aqede ukuyala abafundi bakhe abali-12, wahamba lapho wayofundisa, futhi eshumayela emizini yakubo.
UJohane UMbhabhadisi Uthumela Abafundi Bakhe KuJesu
(Luk. 7:18)
2Kuthe lapho uJohane esejele, ezwa ngemisebenzi kaKhristu wayesethumela ngabafundi bakhe, 3wathi kuye: “Unguye yini ozayo, noma silindele omunye na?”
4UJesu waphendula wathi kubo: “Hambani nimlandise uJohane ngalokho enikuzwileyo nenikubonileyo: 5 Izimpumputhe ziyabona, izinyonga ziyahamba, abanochoko bayahlanjululwa, izithulu ziyezwa, abafileyo bayavuswa, nabampofu bashunyayezwa ivangeli. 6Ubusisiwe ongayukukhubeka ngenxa yami.”
7Kwathi labo bafundi sebehamba, uJesu waqala ukukhuluma ezixukwini ngoJohane, wathi: “Naphuma naya ehlane niyobonani na? Umhlanga ontengantengiswa ngumoya na? 8Kanti naphuma ukuyobonani na? Umuntu owembethe ezinofonofo na? Phela abembethe ezinofonofo basezindlini zamakhosi. 9Kanti naphumelani na? Ukuyobona umphrofethi na? Yebo, ngithi kini: owedlula umphrofethi. 10 Nguye okulotshwe ngaye ukuthi:
“ ‘Ngiyakuthuma isithunywa sami
phambi kobuso bakho,
esiyakulungisa indlela yakho,
phambi kwakho.’
11“Ngiqinisile ngithi kini: akukho namunye osewake wavela kwabazelwe ngabesifazane omkhulu kunoJohane uMbhabhadisi; kodwa omncane embusweni wezulu, mkhulu kunaye. 12 Kepha kusukela emihleni kaJohane uMbhabhadisi kuze kube manje, umbuso wezulu uyaphangwa, nabawuphangayo bayawuhlwitha. 13Ngokuba bonke abaphrofethi bomthetho baphrofetha kwaze kwafika uJohane. 14 Uma nivuma ukukwamukela lokho, lo ungu-Eliya obezakufika. 15 Onezindlebe makezwe.
UJesu Usola Imizi Engaphendukanga
16“Kepha ngizakusifanisa nani lesi sizukulwane na? Sifana nezingane ezihleli esigcawini zimemeza ezinye zithi: 17‘Sinishayele imitshingo, kodwa anisinanga; sahlabelela ingoma yesililo, kodwa anililanga.’
18“Phela uJohane wafika engadli, engaphuzi, kodwa bathi: ‘Unedimoni.’ 19 INdodana yomuntu yafika yadla, yaphuza, kodwa bathi: ‘Bhekani, umuntu oyisiminzi nenkolotshe, umngani wabathelisi nezoni.’ Kepha ukuhlakanipha kukaNkulunkulu kubonakala ukuthi kuyiqiniso ngemiphumela yakho.”
20Wayeseqala ukuyisola imizi okwakwenziwe kuyo imisebenzi yakhe yamandla eminingi, ngokuba ingaphendukanga, wathi: 21 “Maye, kuwe Khorazini! Maye, kuwe Bhethsayida! Ngokuba ukuba le misebenzi yamandla eyenziwe kini, yayenziwe eThire naseSidoni, ngabe kudala yambatha isaka, yazithela ngomlotha, yaphenduka. 22Nokho ngithi kini: kuyakuba ngcono kulo iThire neSidoni ngosuku lokwehlulelwa, kunakinina. 23 Nawe Khaphernawume, uthi kambe uyakuphakanyiselwa ezulwini na? Phinde, uyakwehliselwa eHayidesi, ngokuba, ukuba imisebenzi yamandla eyenziwe kuwe yayenziwe eSodoma, ngabe lisekhona nanamuhla. 24 Kepha ngithi kini: kuyakuba ngcono ezweni laseSodoma ngosuku lokwahlulela kunakuwe.”
UJesu Uyamdumisa UYise, Emema Abahluphekileyo Beze Kuye
(Luk. 10:21)
25 Kwathi ngaleso sikhathi uJesu wakhuluma wathi: “Ngiyakubonga Baba, Nkosi yezulu nomhlaba, ngokuba ukufihlile lokhu kwabahlakaniphileyo, nakulabo abanokuqonda, kodwa wakwambulela izingane. 26Yebo, Baba, ngokuba kwaba kuhle phambi kwakho ukuba kube njalo.
27 “Konke ngikunikwe nguBaba. Akekho owazi iNdodana, kuphela uYise, futhi akekho owazi uYise, kuphela iNdodana, nalowo iNdodana ethanda ukumambulela.
28“Zanini kimi, nina nonke enikhatheleyo nenisindwayo, ngizakuniphumuza. 29 Bekani ijoka lami phezu kwenu, nifunde kimi, ngokuba ngimnene, ngithobile ngenhliziyo; yikhona imiphefumulo yenu iyakufumana ukuphumula. 30 Ngokuba ijoka lami alinzima, nomthwalo wami ulula.”

Okuqokiwe okwamanje:

NgokukaMathewu 11: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume