UJesu wayesethi kubafundi bakhe: “Uma umuntu ethanda ukuza emuva kwami, makazidele, athabathe isiphambano sakhe, angilandele. Ngokuba yilowo nalowo othanda ukusindisa ukuphila kwakhe, uyakulahlekelwa yikho; kepha olahlekelwa ngukuphila kwakhe ngenxa yami, uyakukufumana. Ngokuba kuyakumsiza ngani umuntu, uma ezuza izwe lonke, kepha alahlekelwe ngukuphila kwakhe na? Yini angayikhipha umuntu, ibe yisihlengo sokuphila kwakhe na?
Funda NgokukaMathewu 16
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: NgokukaMathewu 16:24-26
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo