UMikha 2

2
Okuzokwenzeka Kwabacindezela Abampofu
1Maye, kulabo abaceba okubi,
labo abahlela ukwenza ububi
besemibhedeni yabo,
kuthi ekuthatheni kokusa bakwenze!
Ngokuba kusemandleni ezandla zabo
ukwenza lokho.
2Bafisa amasimu, bawaqhwage,
nezindlu bazithathe,
bacindezele indoda nabendlu yayo,
umuntu nefa lakhe.
3Ngakho-ke usho kanje uSimakade, uthi:
“Niyabona-ke, lo mndeni
ngiwuhlelela inhlekelele,
eningayukukhipha izintamo zenu kuyo,
futhi aniyukuhamba ngokuziqhayisa,
ngokuba kuyakuba yisikhathi esibi.
4Ngalolo lusuku bayakusho isaga ngani,
bakhihle isililo, bethi:
‘Kuphelile, kuphele nya ngathi;
isabelo sabantu bami sinikwe abanye abantu!
Maye, usithathile kimi,
amasimu ethu wawabela amahlubuka!’ ”
5Ngakho-ke akuyukubabikho kini
ophonsa intambo yokulinganisa ngonkatho
ebandleni likaSimakade.
6“Ningaphrofethi,” baphrofetha, bathi:
“Akufanele niphrofethe ngalokho;
asiyukuthelwa ngehlazo.
7Kungashiwo yini nina ndlu kaJakobe
ukuthi uMoya kaSimakade
uphelelwa yinisineke
noma lezi yizenzo zakhe na?
Awamahle yini amazwi ami
kohamba ngobuqotho na?
8Akukapholi maseko abantu bami
sebephenduke isitha;
bahlubula ingubo esembathweni
salabo abadlula bethi baphephile,
bebuya empini.
9Nixosha abesifazane babantu bami
ezindlini abazithandayo;
nithathe ezinganeni zabo
inkazimulo yami yaphakade.
10Sukumani nihambe,
ngokuba lena akusiyona indawo yokuphumula,
ngoba ingcolile,
iyakuqotha imbokodo nesisekelo kabi.
11Ukuba bekukhona ohamba
ekhuluma udwadwa namanga,
aqambe amanga athi:
‘Ngiyakuniphrofethela ngewayini
nangophuzo olunamandla,
ubeyakuba ngumphrofethi walaba bantu.’ ”
12“Impela ngiyakumqoqa wonkana uJakobe;
ngiyihlanganise ndawonye
ngempela insali yakwa-Israyeli,
ngiyiqoqele ndawonye njengezimvu esibayeni,
nanjengomhlambi phakathi edlelweni lawo,
kube nokuxokozela kwabantu.
13Obavulela indlela uyakuhamba phambi kwabo.
Bayakufohla, badlulele esangweni,
baphume ngalo.
Inkosi yabo isidlulile phambi kwabo,
uSimakade useyinhloko yabo.”

Okuqokiwe okwamanje:

UMikha 2: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume