31
Amazwi KaLemuweli
1Amazwi kaLemuweli, inkosi yaseMasa, isixwayiso asinikwa ngunina.
2 “Hhayi, ndodana yami;
hhayi!
Ndodana yesibeletho sami,
kwenzenjani, ndodana yezifungo zami na?
3 Ungabaniki abesifazane amandla akho,
nezindlela zakho, kwababhubhisa amakhosi.
4 “Akusikho okwamakhosi, Lemuweli,
ukuphuza iwayini.
Akusikho nje nempela okwababusi ukuthanda
uphuzo olunamandla;
5 funa baphuze bese bekhohlwa yizimiso,
baguqule amalungelo abahluphekayo.
6 Nika uphuzo olunamandla kobhubhayo,
newayini konomunyu enhliziyweni.
7Uyophuza, akhohlwe ubuphofu bakhe,
angabe esalukhumbula usizi lwakhe.
8 “Khulumela isimungulu,
umele ilungelo labo bonke abahluphekayo.
9 Vula umlomo wakho wehlulele ngokulunga,
uvikele amalungelo abampofu nabantulayo.”
Ukudunyiswa Komfazi Woqobo
10 Ngubani ongathola umfazi woqobo na?
Uyigugu eledlula inani lamarubhi.
11 Inhliziyo yomyeni wakhe iyamethemba,
ayiyukulahlekelwa yinzuzo.
12Uyayenzela okuhle, hhayi okubi,
zonke izinsuku zokuphila kwakhe.
13Ufuna uboya bezimvu nefilakisi,
asebenze ngokuzimisela ngezandla zakhe.
14 Unjengemikhumbi yabahwebi,
ukudla kwakhe ukulanda kwelikude izwe.
15 Uvuka ngovivi alungisele umndeni
wakhe ukudla,
abele amantombazane amsizayo
imisebenzi azoyenza.
16Ubona insimu, ayithenge;
ngezikhwepha zakhe, utshala isivini.
17 Ubhinca amandla okhalo lwakhe,
aqinise izingalo zakhe.
18Uyaqaphela ukuthi akwenzayo kunenzuzo,
isibani sakhe asincinywa nasebusuku.
19Ubeka izandla zakhe
othini lokuphotha izintambo,
neminwe yakhe ibamba
insimbi kakotini.
20 Uyamvulela ohluphekayo isandla sakhe,
yebo, uyabapha nabantulayo.
21 Akanaluvalo ngabendlu yakhe
ngesikhathi seqhwa,
ngokuba umndeni wakhe
uwugqokisa ezibubende.
22 Uyazenzela izingubo zokuzemboza;
izembatho zelineni elicolekileyo nokubukhwebezane.
23 Indoda yakhe iyahlonishwa emasangweni
ngesikhathi ihleli namalunga ezwe.
24 Wenza izingubo zelineni, azithengise,
athengisele abahwebi amabhande.
25Wembethe amandla nesithunzi,
isikhathi esizayo usemukela ngentokozo.
26Uma evula umlomo wakhe
kuphuma ukuhlakanipha,
nesifundiso somusa sisolimini lwakhe.
27Unakekela okwenzeka emzini wakhe,
akasidli isinkwa sobuvila.
28Abantwana bakhe bayasukuma bambusise;
nendoda yakhe iyamtusa, ithi:
29“Baningi abesifazane abakhutheleyo,
kepha wena ubedlula bonke.”
30 Ubuhle buyinkohliso,
nokubukeka kuyize,
kepha owesifazane
owesaba uSimakade uyakudunyiswa.
31Mnike isabelo emsebenzini wezandla zakhe,
mabawudumise umsebenzi wakhe emasangweni.