AMahubo 11

11
USimakade Uyisiphephelo Nomvikeleli
Kumholi wokuhlabelela. Ihubo likaDavide
1Ngiphephela kuwe Simakade;
uyisiphephelo sami.
Kungani pho nithi kimi:
“Balekela ezintabeni njengenyoni.
2Bheka, izikhohlakali zinsala iminsalo,
sezifake imicibisholo yazo emnsalweni,
ukuze zicibe ebumnyameni
abaqotho ngenhliziyo.
3Olungileyo uyokwenzenjani,
lapho zibhujiswa izisekelo zomhlaba,” na?
4USimakade usethempelini lakhe elingcwele.
Isihlalo sakho Simakade sisezulwini.
Amehlo akho ayabona,
ukubheka kwakho kuyabahlolisisa abantwana babantu.
5USimakade uyamvivinya olungileyo,
kodwa uyamzonda othanda ubudlova.
6Uyakunisa imvula yamalahle avuthayo
nesibabule phezu kwababi,
nomoya weshisandlu ube yisabelo sabo.
7Ngokuba uSimakade ulungile,
uyazithanda izenzo ezilungileyo;
abaqotho bayakububona ubuso bakhe.

Okuqokiwe okwamanje:

AMahubo 11: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume