AMahubo 120

120
Umkhuleko Wocela Ukusizwa Ekukhohliseni Kwezitha
1Ekuhluphekeni kwami ngakhala kuSimakade,
wangiphendula.
2Simakade, hlenga umphefumulo wami
emlonyeni wamanga nasolimini lwenkohliso.
3Uyoklonyeliswa ngani,
uyokwenezelelwani wena lulimi lwenkohliso na?
4Imicibisholo ebukhali yeqhawe
namalahle avuthayo omtholo.
5Maye kimi!
Ngokuba ngigogobele kwaMeshekhi,
ngihleli phakathi kwamathende akwaKhedari.
6Umphefumulo wami kade wahlala
nabazonda ukuthula.
7Mina ngingowokuthula,
kodwa uma ngikhuluma, bayalwa.

Okuqokiwe okwamanje:

AMahubo 120: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume