AMahubo 135

135
Indumiso KuSimakade Emagcekeni Edlu Yakhe
1Haleluya!
Dumisani igama likaSimakade;
mdumiseni nina zinceku zikaSimakade,
2enikhonza endlini yakhe,
emagcekeni endlu kaNkulunkulu wethu.
3Mdumiseni uSimakade,
ngokuba Yena muhle,
lihubeleni igama lakhe,
ngokuba lihle.
4Ngokuba uSimakade uziqokele uJakobe no-Israyeli,
ukuba abe yifa lakhe.
5Impela ngiyazi ukuthi uSimakade mkhulu,
nokuthi iNkosi yethu ingaphezu
konkulunkulu bonke.
6Noma yini uSimakade ayithandayo uyayenza,
ezulwini nasemhlabeni,
emanzini nasezinzulwini zonke.
7Ukhuphula izinkungu emikhawulweni yomhlaba,
enze imibani ibe yimvula,
akhiphe umoya ezinqabeni zakhe.
8Washaya amazibulo aseGibhithe,
awabantu nawezilwane.
9Wathumela izibonakaliso nezimangaliso
phakathi kwakho, Gibhithe,
phezu kukaFaro nezinceku zakhe zonke.
10Washaya izizwe ezinkulu,
wabulala amakhosi anamandla:
11uSihoni, inkosi yama-Amori,
u-Ogi, inkosi yaseBhashani,
nemibuso yonke eKhanani.
12Wathatha izwe labo laba yifa,
laba yifa lika-Israyeli,
isizwe sakhe.
13Simakade, igama lakho limi ingunaphakade.
Simakade, ukhunjulwa yizizukulwane ngezizukulwane.
14Ngokuba uSimakade uyokwehlulela abantu bakhe,
azihawukele izinceku zakhe.
15Izithombe zabezizwe ziyisiliva negolide,
umsebenzi wezandla zomuntu.
16Umlomo zinawo, kepha azikhulumi,
amehlo zinawo, kodwa aziboni.
17Izindlebe zinazo, kepha azizwa,
nomoya awukho emlonyeni wazo.
18Abazenzayo bayafana nazo,
bonke abazithembayo.
19Wena ndlu ka-Israyeli, mbonge uSimakade,
wena ndlu ka-Aroni, mbonge uSimakade.
20Wena ndlu kaLevi, mbonge uSimakade,
nina enimesabayo uSimakade,
mbongeni uSimakade.
21USimakade makabongwe eZiyoni,
yena owakhe eJerusalema.
Haleluya!

Okuqokiwe okwamanje:

AMahubo 135: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume