AMahubo 148

148
Konke Okudaliweyo Makudumise USimakade
1Haleluya!
Dumisani uSimakade ezulwini,
nimdumise kweliphezulu.
2Mdumiseni nina zingelosi zakhe zonke,
nimdumise nina mabandla akhe wonke.
3Mdumiseni nina langa nenyanga,
nimdumise nina zinkanyezi zonke ezikhanyayo.
4Mdumiseni nina mazulu amazulu,
nina manzi aphezu kwezulu.
5Konke makudumise igama likaSimakade,
ngokuba nguYena owayaleza, kwadaleka.
6Wakumisa kwaze kwaba phakade naphakade,
wakushayela umthetho okungenakuweqa.
7Mdumiseni uSimakade emhlabeni
nina mikhomo nezintwa zonke,
8nawe mlilo nesichotho,
liqhwa nenkwezane,
nawe siphepho esenza okwezwi lakhe,
9nani zintaba namagquma wonke,
nani mithi ethelayo,
nayo yonke imisedari,
10nani zilwane nemfuyo yonke,
nani eninwabuzelayo
nezinyoni ezindizayo,
11nani makhosi omhlaba nabantu bonke,
nani zikhulu nabehluleli bonke bomhlaba,
12nani zinsizwa nezintombi,
nani maxhegu nabafana.
13Manidumise igama likaSimakade,
ngokuba ngelakhe lodwa igama eliphakemeyo,
inkazimulo yakhe iphezu komhlaba nezulu.
14Useluphakamisile udumo lwabantu bakhe,
ngalokho-ke abethembekileyo bakhe bayamdumisa,
abantu bakwa-Israyeli;
abantu abaseduze naye.
Haleluya!

Okuqokiwe okwamanje:

AMahubo 148: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume