AMahubo 15

15
Ngubani Oyakuhlala Ebukhoneni BukaSimakade
1Simakade, ngubani
oyakuhlala ethendeni lakho na?
Ngubani oyakukwakha entabeni yakho engcwele na?
2Yilowo onkambo yakhe ingenasici,
futhi owenza ukulunga,
okhuluma iqiniso enhliziyweni yakhe;
3ongahlebi ngolimi lwakhe,
ongenzi okubi kumngani wakhe,
nongamhleki usulu umakhelwane wakhe;
4obenyanyayo abanengekayo,
kepha ebazisa abesaba uSimakade;
owenza isifungo asigcine,
noma isimo singamvumeli;
5ongatshelekisi ngemali
ukuba athole inzuzo,
nongadizelwa ukuze
alahle ngecala omsulwa.
Owenza lezi zinto
akasoze azanyazanyiswa,
kuze kube phakade.

Okuqokiwe okwamanje:

AMahubo 15: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume