AMahubo 17

17
Umkhuleko Womuntu Omsulwa
Umkhuleko kaDavide
1Ake ulalele udaba lwami, Simakade,
ulalele ukukhala kwami,
ubeke indlebe yakho emkhulekweni wami
ophuma emlonyeni ongenankohliso.
2NguWena kuphela ongangikhipha phambili;
amehlo akho ayakubona okuliqiniso.
3Uyivivinyile inhliziyo yami,
wangihambela ebusuku; uyangihlolisisa,
kepha awufumani lutho;
nginqumile ukuba ngingoni ngomlomo wami.
4Angenzi njengabantu abaningi,
ngokuba ngithobela izwi lakho,
ngiyazigwema izindlela zezidlova.
5Izinyathelo zami zisemkhondweni wakho,
izinyawo zami azizange zishelele.
6Ngiyakukhala kuwe,
ngokuba uyongiphendula, Nkulunkulu;
beka indlebe yakho kimi,
uzwe engikukhulumayo.
7Bonakalisa uthando lwakho olungapheliyo,
Wena osindisa ngesokunene sakho
abaphephela kuwe kulabo ababavukelayo.
8Ngivikele njengenhlamvu yeso,
ungifihle emthunzini wamaphiko akho,
9kwababi abangicindezelayo,
nasezitheni zami ezingihaqileyo.
10Zivalile izinhliziyo zazo, azinasihe,
zikhuluma zizigqaja ngemilomo yazo.
11Ziyangilandela noma ngiyaphi,
ziyangizungeza,
zingithe njo ngamehlo azo,
ukuze zingithele othulini.
12Ufana nebhubesi elilambile,
nanjengebhongo lengonyama licuthe ehlozini.
13Yima ngomumo, Simakade,
ubhekane nazo,
ziqumbe phansi.
Sindisa umphefumulo wami ngenkemba yakho,
14nakubantu, ngesandla sakho, Simakade,
abantu abasabelo sabo
kulo mhlaba sikulokhu kuphila,
nabazisu zabo uzigcwalisa
ngalokho obabekele khona,
nabashiyela izingane zabo
okuningi okusele kubo.
15Kepha mina ngizobuka ubuso
bakho ekulungeni,
ngeneliswe ngubunjalo bakho lapho ngivuka.

Okuqokiwe okwamanje:

AMahubo 17: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume