AMahubo 28

28
Umkhuleko Wocela Usizo Nokubonga Impendulo
ElikaDavide
1Ngikhala kuwe, Simakade; Dwala lami,
ungazenzi isithulu kimi,
funa uma uthalalisa,
ngifane nalabo abehlela egodini.
2Yizwa izwi lokunxusa kwami,
njengoba ngikhala kuwe,
ngiphakamisela izandla zami
endaweni yakho engcwelengcwele.
3Ungangilahli kanye nezoni nabenzi bokubi,
abathi becebela omakhelwane babo
ububi ngezinhliziyo,
babe bekhuluma kahle ngemilomo yabo.
4Banike umvuzo ofanele izenzo zabo,
nobubi bemisebenzi yabo,
nangokwenza kwezandla zabo,
uphindisele kubo abakwenzayo.
5Ngokuba abayinaki imisebenzi kaSimakade,
nokwenziwe yizandla zakhe.
Uyobadiliza, angabe esabakha kabusha.
6Makabongwe uSimakade,
ngokuba ulizwile izwi lokunxusa kwami.
7USimakade ungamandla ami, nesihlangu sami,
inhliziyo yami yethembele kuye,
yingakho ngisizakele,
inhliziyo yami iyethaba.
Ngizomdumisa ngehubo lami.
8USimakade ungamandla abantu bakhe.
Uyinqaba eyinsindiso yogcotshiweyo wakhe.
9Sindisa abantu bakho,
ubusise ifa lakho, ubeluse,
ubathwale, kuze kube phakade.

Okuqokiwe okwamanje:

AMahubo 28: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume