AMahubo 5:1-3
AMahubo 5:1-3 ZUL20
Simakade, yizwa amazwi ami, uqaphele ukububula kwami. Yizwa izwi lokukhala kwami, Nkosi yami, Nkulunkulu wami, ngokuba ngikhuleka kuwe. Simakade, ekuseni uyalizwa izwi lami; ekuseni ngethula kuwe isicelo sami, ngilinde.



