AmaHubo 5:1-3 - Qhathanisa Zonke Izinguqulo
AmaHubo 5:1-3 ZUL59 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
Yizwa amazwi ami, Jehova, uqaphele ukuzindla kwami. Yizwa izwi lokukhala kwami, Nkosi yami, Nkulunkulu wami, ngokuba ngithandaza kuwe. Jehova, ekuseni uyalizwa izwi lami; ekuseni ngiyakuzibika kuwe, ngilinde.
Dlulisela
AmaHubo 5 ZUL59AmaHubo 5:1-3 ZUL20 (IsiZulu 2020)
Simakade, yizwa amazwi ami, uqaphele ukububula kwami. Yizwa izwi lokukhala kwami, Nkosi yami, Nkulunkulu wami, ngokuba ngikhuleka kuwe. Simakade, ekuseni uyalizwa izwi lami; ekuseni ngethula kuwe isicelo sami, ngilinde.
Dlulisela
AmaHubo 5 ZUL20AmaHubo 5:1-3 CZB24 (Contemporary Zulu Bible 2024)
Kumholi wokuhlabelela ingoma kaNehiloti. Ihubo likaDavide. Bheka, Jehova, amazwi ami, uqaphele ukuzindla kwami. Lalela izwi lokukhala kwami, Nkosi yami, Nkulunkulu wami, ngokuba ngiyakukhuleka kuwe. Jehova, uyakulizwa izwi lami ekuseni; ekuseni ngiyakuwubhekisa kuwe umkhuleko wami, ngibheke phezulu.
Dlulisela
AmaHubo 5 CZB24