Amahubo 5:1-3
Amahubo 5:1-3 CZB24
Kumholi wokuhlabelela ingoma kaNehiloti. Ihubo likaDavide. Bheka, Jehova, amazwi ami, uqaphele ukuzindla kwami. Lalela izwi lokukhala kwami, Nkosi yami, Nkulunkulu wami, ngokuba ngiyakukhuleka kuwe. Jehova, uyakulizwa izwi lami ekuseni; ekuseni ngiyakuwubhekisa kuwe umkhuleko wami, ngibheke phezulu.



