Amahubo 5

5
Amahubo 5
Umthandazo
1Kumholi wokuhlabelela ingoma kaNehiloti. Ihubo likaDavide. Bheka, Jehova, amazwi ami, uqaphele ukuzindla kwami.
2Lalela izwi lokukhala kwami, Nkosi yami, Nkulunkulu wami, ngokuba ngiyakukhuleka kuwe.
3Jehova, uyakulizwa izwi lami ekuseni; ekuseni ngiyakuwubhekisa kuwe umkhuleko wami, ngibheke phezulu.
4Ngokuba wena awusiye uNkulunkulu othanda ububi; nobubi abuyikuhlala nawe.
5Iziwula aziyikuba khona phambi kwamehlo akho; uyabazonda bonke abenza okubi.
6Uyakubhubhisa abakhuluma kabi; uJehova uyamenyanya umuntu wegazi nokhohlisayo.
7Kepha mina ngiyakungena endlini yakho ngobuningi bomusa wakho, ngikhuleke ethempelini lakho elingcwele ngokukwesaba.
8Ngihole, Jehova, ngokulunga kwakho ngenxa yezitha zami; lungisa indlela yakho phambi kobuso bami.
9Ngokuba akukho ukuthembeka emlonyeni wabo; ingaphakathi labo libi kakhulu; umphimbo wabo uyingcwaba elivulekileyo; bayathopha ngolimi lwabo.
10Babhubhise, Nkulunkulu; mabawe ngamacebo abo; baxoshe ngobuningi beziphambeko zabo; ngoba bakuhlubukile.
11Kodwa kabathokoze bonke abathembela kuwe; mabajabule njalo, ngokuba uyabavikela; abalithandayo igama lakho mabajabule ngawe.
12Ngoba wena Jehova ubusisa olungileyo; ngokujabula uyomhaqa njengesihlangu.

Okuqokiwe okwamanje:

Amahubo 5: CZB24

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume