AMahubo 9

9
USimakade Ungumehluleli
Kumholi wokuhlabelela. Indlela: ukufa kwendodana. Ihubo likaDavide
1Ngiyakumbonga uSimakade ngenhliziyo yami yonke;
ngilande ngazo zonke izimangaliso zakho.
2Ngiyakuthokoza, ngethabe kuwe;
ngilihubele igama loPhezukonke.
3Lapho izitha zami,
zibuyela emuva, ziyabhamazela,
zibhubhe phambi kwakho.
4Ngokuba ungenzele ubulungiswa,
wangikhipha phambili uhlezi esihlalweni sakho,
wehlulela ngokulunga.
5Uzijezisile izizwe,
wachitha izikhohlakali,
walishabalalisa igama lazo ingunaphakade.
6Izitha ziphelile, zabhujiswa,
wayisiphula imizi yazo, kwaphela nya
ukukhunjulwa kwazo.
7USimakade umi kuze kube phakade;
umisile isihlalo sakhe sokwehlulela.
8Uyakuwehlulela umhlaba ngokulunga,
ehlulele izizwe ngobuqotho.
9USimakade uyinqaba kocindezelweyo,
uyinqaba ngesikhathi sokuhlupheka.
10Abalaziyo igama lakho bethembela kuwe;
Simakade awubalahli labo abakufunayo.
11Hubelani uSimakade ohlezi eZiyoni;
memezelani izenzo zakhe phakathi kwabantu.
12Ungumphindiseli, uyabakhumbula, akabakhohlwa
abahluphekileyo nabathobekile,
akakukhohlwa ukukhala kwabo.
13Yiba nesihawu kimi, Simakade.
Bona ukuhlupheka kwami
abangilethela khona abangizondayo.
Nguwe ongiphakamisa ngilengela egodini lokufa,
14ukuze ngilande ngalo lonke udumo lwakho,
ngilande ngemisebenzi yakho;
emasangweni endodakazi yaseZiyoni,
ngithokoze ngokungisindisa kwakho.
15Abezizwe baphonseke phansi
emgodini abawumbileyo,
unyawo lwabo lwabhajwa
enethini abangifihlele lona.
16USimakade uzibonakalisile,
wenzile ukwehlulela ngezandla zakhe,
ngokucekela phansi ababi. Sela
17Izikhohlakali ziyakubuyela endaweni yabafileyo,
yebo, zonke izizwe ezikhohlwa nguNkulunkulu.
18Abampofu abasoze balibaleka;
ithemba labathobekileyo nabahluphekileyo,
aliyukunyamalala phakade.
19Vuka, Simakade!
Ungavumi ukuqonelwa ngabantu.
Izizwe mazehlulelwe phambi kwakho.
20Bathele ngovalo, Simakade,
ukuze izizwe zazi
ukuthi zingabantu nje. Sela

Okuqokiwe okwamanje:

AMahubo 9: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume