ISambulo 11

11
UJohane Unikwa Umhlanga Wokulinganisa
1 Nganikwa umhlanga wokulinganisa ofana nenduku, kwathiwa: “Sukuma ulinganise ithempeli likaNkulunkulu, i-althare, nalabo abakhulekayo kulo. 2 Kepha igceke elingaphandle kwethempeli uliyeke, ungalilinganisi, ngokuba linikwe izizwe, nomuzi ongcwele ziyakuwugxobagxoba izinyanga ezingama-42. 3 Ngiyakubanika igunya ofakazi bami ababili ukuba baphrofethe izinsuku eziyi-1 260, bembathiswe indwangu eyisaka.”
4 Labo bayiminqumo emibili nezinti zezibani ezimbili ezimi phambi kweNkosi yomhlaba. 5 Uma kukhona ofuna ukubenzakalisa laba, kuphuma umlilo emilonyeni yabo, ubhubhise izitha zabo. Yebo, uma kukhona ofuna ukubalimaza, kufanele ukuba abulawe kanjalo. 6 Laba banamandla okuvala izulu ukuba lingani ngezinsuku lapho bephrofetha, futhi banamandla phezu kwamanzi ukuba bawaphendule igazi, nokushaya umhlaba ngezinhlupheko eziningi, noma nini lapho bethanda ukwenzenjalo.
7 Kuyakuthi lapho sebeqedile ubufakazi babo, isilo esiphuma kwalasha silwe nabo, sibanqobe, sibabulale. 8 Izidumbu zabo ziyakudindiliza emigwaqweni yomuzi omkhulu okuthiwa ngokomoya iSodoma neGibhithe, lapho neNkosi yabo yabethelwa khona. 9Abanye kubantu, imindeni, izilimi, nabezizwe bayakuzibona izidumbu zabo izinsuku ezintathu nengxenye, bengavumi ukuba izidumbu zabo zingcwatshwe. 10 Abakhileyo emhlabeni bayakujabula ngabo, bethabe, bathumelelane izipho, ngokuba laba baphrofethi ababili bebahluphile abakhileyo emhlabeni.
11 Kwathi sekwedlule lezo zinsuku ezintathu nengxenye, umoya wokuphila ovela kuNkulunkulu wangena kubo, bema ngezinyawo zabo, behlelwa ukwesaba okukhulu labo abababonayo. 12 Bezwa izwi elikhulu livela ezulwini, lithi kubo: “Yenyukelani lapha.”
Base benyukela ezulwini ngefu; izitha zabo zibabuka.
13 Ngalelo hora kwaba khona ukuzamazama komhlaba okukhulu, kwathi okweshumi komuzi kwawa, kwafa ekuzamazameni komhlaba abantu abayizi-7 000, kwathi abasalayo bashaywa wuvalo, bamdumisa uNkulunkulu wezulu.
14 UMaye wesibili wedlula; uMaye wesithathu uyeza masinyane.
Ingelosi Yesikhombisa Ibetha Icilongo
15 Ingelosi yesikhombisa yabetha icilongo; kwase kuzwakala amazwi ahlokomayo ezulwini ethi: “Umbuso wezwe usungoweNkosi yethu nokaKhristu wayo; iyakubusa kuze kube phakade naphakade.”
16 Amalunga angama-24 ayehleli phambi kukaNkulunkulu ezihlalweni zawo zobukhosi, akhothama athi mbo ngobuso bawo, akhuleka kuNkulunkulu, 17 ethi: “Siyakubonga, Nkosi Nkulunkulu, Somandla, okhona nowawukhona, ngokuba uthabathe amandla akho amakhulu, wabusa; 18 izizwe zathukuthela, kwase kufika ulaka lwakho, nesikhathi sokwehlulelwa kwabafileyo, nokunika izinceku zakho umvuzo, abaphrofethi nabangcwele nabesaba igama lakho, abancane nabakhulu, nokubhubhisa ababhubhisa umhlaba.”
19 Kwase kuvulwa ithempeli likaNkulunkulu elisezulwini, kwabonakala umphongolo wesivumelwano sakhe ethempelini lakhe. Kwaba khona imibani, ukuhlokoma kwamazwi, ukuduma, ukuzamazama komhlaba nesichotho esikhulu.

Okuqokiwe okwamanje:

ISambulo 11: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume