17
Isifebe Esikhulu EsiyiBhabhiloni
1 Kwase kuza enye yezingelosi eziyisikhombisa ezaziphethe izitsha eziyisikhombisa, yakhuluma nami, yathi: “Woza, ngikutshengise ukwehlulelwa kwesifebe esikhulu esihleli phezu kwamanzi amaningi, 2 afeba naso amakhosi omhlaba; nabakhileyo emhlabeni badakwa yiwayini lobufebe baso.”
3 Yangithwala ngikuMoya, yangiyisa ehlane. Ngabona lapho owesifazane egibele isilo esibomvu, sigcwele amagama ahlambalazayo, sinamakhanda ayisikhombisa nezimpondo ezilishumi. 4 Owesifazane wayembethe okubukhwebezane nokubomvu, evunule ngegolide nangamatshe amahle namapharele, ephethe indebe yegolide esandleni sakhe; yayigcwele amanyala nokungcola kobufebe bakhe, 5 ebunzini lakhe kulotshwe igama eliyimfihlakalo, elithi:
IBHABHILONI ELIKHULU,
UNINA WEZIFEBE
NOWAMANYALA OMHLABA.
6 Ngase ngibona owesifazane edakwe yigazi labangcwele negazi lofakazi bakaJesu. Ngamangala ngokumangala okukhulu.
Ingelosi Iyawuchasisela Umbono Wesifebe Nowesilo
7Ingelosi yayisithi kimi: “Yini umangele na? Ngizakukutshela imfihlakalo yowesifazane nesilo esimthweleyo, esinamakhanda ayisikhombisa nezimpondo ezilishumi. 8 Isilo owasibonayo sasikhona, kodwa asisekho; sizakwenyuka, siphuma kwalasha, siye ekubhujisweni. Laba abakhileyo emhlabeni, abamagama abo engalotshwanga encwadini yokuphila, kusukela kwasekelwa umhlaba, lapho bebona ukuthi isilo kanti sasikhona, kepha asisekho, sisazobuye sibe khona, bayakumangala.
9 “Lokhu kudinga umqondo ophusileyo. Amakhanda ayisikhombisa ayizintaba eziyisikhombisa, lapho owesifazane eqhwakele khona, futhi angamakhosi ayisikhombisa. 10Ayisihlanu kuwo asewile, enye isekhona, enye ayikafiki, nalapho isifikile kufanele ihlale isikhashana. 11 Isilo esasikhona, kodwa esingasekho, sona singesesishiyagalombili, sikuwo ayisikhombisa, futhi siya ekubhujisweni.
12 “Izimpondo ezilishumi owazibonayo zingamakhosi alishumi angakawemukeli umbuso, kodwa asewamukelisiwe amandla obukhosi isikhathi esiyihora elilodwa kanye nesilo. 13Lawa amqondo munye, futhi anika isilo amandla negunya lawo. 14 Ayakulwa neWundlu; iWundlu liwanqobe, ngokuba liyiNkosi yamakhosi noMbusi wababusi, likanye nabanalo ababiziweyo balo, abakhethiweyo nabathembekileyo.”
15 Yayisithi kimi: “Amazwi owabonileyo lapho bekuhleli khona isifebe, ngabantu, izixuku, izizwe nezilimi. 16 Izimpondo ezilishumi ozibonileyo nesilo, lezi ziyakusizonda isifebe zisibhubhise, zisihlubule sibe ze, zidle inyama yaso, zisishise ngomlilo. 17 Ngokuba uNkulunkulu ufakile ezinhliziyweni zazo ukuba zifeze okuyisinqumo sakhe, zikwenze zimqondo munye, zinike isilo umbuso wazo, aze agcwaliseke amazwi kaNkulunkulu. 18Owesifazane ombonileyo ungumuzi omkhulu, onombuso obusa phezu kwamakhosi omhlaba.”