KwabaseRoma 12

12
Ukuhamba Okungcwele
1 Ngakho-ke ngiyanincenga bazalwane, ngobubele bukaNkulunkulu ukuba ninikele imizimba yenu ibe ngumnikelo ophilileyo, ongcwele, othandekayo kuNkulunkulu; kube ngukukhonza kwenu ngokomoya. 2 Ningalingisi leli lizwe, kodwa niguqulwe isimo ngokwenziwa ibe yintsha ingqondo yenu ukuze nikwazi ukuhlolisisa okuyintando kaNkulunkulu, okuhle, okuthandekayo, nokupheleleyo.
Ukuthobeka
3 Ngokuba ngomusa engiwuphiweyo ngithi kulowo nalowo kini akangazicabangi ukuthi mkhulu, kunalokho afanele ukukucabanga; kodwa acabange kube ngokuqonda, njengalokhu uNkulunkulu abele yilowo nalowo isilinganiso sokukholwa. 4 Njengalokhu sinezitho eziningi emzimbeni munye, kepha izitho zonke azenzi msebenzi munye, 5 kanjalo nathi esibaningi, nokho simzimba munye kuKhristu, kepha ngabanye siyizitho, omunye esomunye. 6 Sinezipho zomusa ezahlukeneyo ngokomusa esiwuphiweyo: uma kungesokuphrofetha, asiphrofethe ngesilinganiso sokukholwa. 7 Uma kungesokukhonza, kube sekukhonzeni; esokufundisa, kube sekufundiseni; 8 esokugqugquzela, kube sekukhuthazeni; esokuphana, aphane ngokukhululeka; esokuhola, ahole ngenkuthalo; kanye nesesihe, akwenze ngentokozo.
Uthando Nokuphathana Kahle
9 Uthando malungabi nakuzenzisa; nyanyani okubi, nibambelele kokuhle. 10 Thandanani ngokujulile ngothando lobuzalwane; nindulelane ekuhloniphaneni, 11 ekukhuthaleni, ningabi ngamavila; nivuthe emoyeni, nikhonze iNkosi; 12 ethembeni nithokoze, osizini nibekezele, nasekukhulekeni ningaphezi, 13 nifune njalo ukuhlanganyela ekusweleni kwabangcwele, nisize nabayizihambi.
14 Babusiseni abanihluphayo; busisani, ningaqalekisi. 15 Thokozani nabathokozayo, nikhale nabakhalayo. 16 Nibe mqondo munye, nicabangelane ngokufanayo; ningazikhukhumezi, kodwa zihlanganiseni nabathobekileyo. Ningazishayi abahlakaniphileyo. 17 Ningaphindisi okubi ngokubi, khuthalelani ukwenza okuhle phambi kwabantu bonke. 18 Uma kungenzeka, hlalani ngokuthula nabantu bonke. 19 Bathandekayo, ningaphindiseli, kodwa dedelani ulaka lukaNkulunkulu, ngokuba kulotshiwe ukuthi:
“Ingeyami impindiselo,
ngiyakuphindisela,” kusho iNkosi.
20 Kepha-ke:
“Uma isitha sakho silambile, siphe sidle;
uma somile, siphuzise,
ngokuba ngokwenza lokho,
uyakube ufumbela amalahle avuthayo ekhanda laso.”
21 Unganqotshwa ngokubi, kodwa nqoba okubi ngokuhle.

Okuqokiwe okwamanje:

KwabaseRoma 12: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume