I-logo yo Hlelo Lokusebenza lweBhayibheli
Isici soku Sesha

KwabaseRoma 7:1-3

KwabaseRoma 7:1-3 ZUL20

Kanti anazi yini bazalwane, ngikhuluma kwabawaziyo umthetho, ukuthi umthetho uyabusa phezu komuntu ngaso sonke isikhathi esaphila na? Ngokuba owesifazane oganile ubophelekile ngokomthetho endodeni yakhe, inqobo nje uma isaphila; kodwa uma indoda isifile, ukhululiwe emthethweni wendoda. Ngalokho-ke uma indoda isaphila, yena bese eba ngowenye indoda, uyakubizwa ngesindindwa, kodwa uma indoda isifile, ukhululekile emthethweni, akasiso isindindwa, uma eba ngowenye indoda.