KwabaseRoma 8:15-17
KwabaseRoma 8:15-17 ZUL20
ngokuba anamukeliswanga umoya wobugqila ukuba nibuye nesabe, kepha namukeliswa umoya wobuntwana esimemeza ngaye sithi: “Abba, Baba!” Yena lowo Moya ufakaza kanye nomoya wethu ukuthi singabantwana bakaNkulunkulu. Uma-ke singabantwana, siyizindlalifa futhi; izindlalifa zikaNkulunkulu, nezindlalifa kanye noKhristu, uma nje sihlupheka kanye naye, ukuze futhi sikhazimuliswe kanye naye.



