KwabaseRoma 8:15-17 - Qhathanisa Zonke Izinguqulo
KwabaseRoma 8:15-17 ZUL59 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
Ngokuba anamukeliswanga umoya wobugqila ukuba nibuye nesabe, kepha namukeliswa umoya wobuntwana esimemeza ngaye sithi: “Aba, Baba!” Yena lowo Moya ufakaza kanye nomoya wethu ukuthi singabantwana bakaNkulunkulu. Uma-ke singabantwana, siyizindlalifa futhi, izindlalifa zikaNkulunkulu, izindlalifa kanye noKristu, uma phela sihlupheka kanye naye, ukuze siphiwe inkazimulo futhi kanye naye.
KwabaseRoma 8:15-17 ZUL20 (IsiZulu 2020)
ngokuba anamukeliswanga umoya wobugqila ukuba nibuye nesabe, kepha namukeliswa umoya wobuntwana esimemeza ngaye sithi: “Abba, Baba!” Yena lowo Moya ufakaza kanye nomoya wethu ukuthi singabantwana bakaNkulunkulu. Uma-ke singabantwana, siyizindlalifa futhi; izindlalifa zikaNkulunkulu, nezindlalifa kanye noKhristu, uma nje sihlupheka kanye naye, ukuze futhi sikhazimuliswe kanye naye.
KwabaseRoma 8:15-17 ZULUNT (Baasraak Zulu New Testament Bible)
Ngokuba anamukeliswanga umoya wobugqila ukuba nibuye nesabe; kodwa namukele uMoya wobuntwana, esimemeza ngaye sithi: Aba, Baba. UMoya uqobo ufakaza kanye nomoya wethu ukuthi singabantwana bakaNkulunkulu; Njalo uba singabantwana, siyizindlalifa; izindlalifa zikaNkulunkulu, lezindlalifa kanye loKristu; uma kambe sihlupheka kanye naye, ukuze siphiwe inkazimulo futhi kanye naye.
KwabaseRoma 8:15-17 CZB24 (Contemporary Zulu Bible 2024)