Kwabase Roma 8

8
KwabaseRoma 8
1Ngakho-ke akusekho ukulahlwa kwabakuKristu Jesu, abangahambi ngokwenyama kodwa ngokukaMoya.
2Ngokuba umthetho kaMoya wokuphila kuKristu Jesu ungikhululile emthethweni wesono nokufa.
3Ngoba lokho umthetho owawungekwenze, ngoba ubuthakathaka ngenyama, uNkulunkulu ethuma eyakhe iNdodana ifana lenyama elesono, njalo ngenxa yesono, walahla isono enyameni;
4ukuze ukulunga komlayo kugcwaliseke kithi, esingahambi ngokwenyama, kodwa ngokukaMoya.
5Ngokuba abangokwenyama banaka okwenyama; kodwa abangokoMoya izinto zikaMoya.
6Ngokuba ukunaka kwenyama kungukufa; kepha ukunaka okomoya kungukuphila nokuthula.
7Ngokuba ukunaka kwenyama kungubutha kuNkulunkulu, ngokuba akuwuthobeli umthetho kaNkulunkulu, futhi kungekwenzeki.
8Ngakho abasenyameni abanakumthokozisa uNkulunkulu.
9Kepha nina anisenyameni, kodwa nikuMoya, uma uMoya kaNkulunkulu ehlala kini. Kepha uma umuntu engenaye uMoya kaKristu, lowo kasiye owakhe.
10Uma uKristu ekini, umzimba ufile ngenxa yesono; kodwa uMoya ungukuphila ngenxa yokulunga.
11Kepha uma uMoya walowo owavusa uJesu kwabafileyo ehlala kini, yena owavusa uKristu kwabafileyo uyakuphilisa nemizimba yenu efayo ngoMoya wakhe ohlala kini.
12Ngakho-ke, bazalwane, sinecala, kungeyisikho kuyo inyama, ukuze siphile ngokwenyama.
13Ngokuba uma niphila ngokwenyama, nizakufa; kepha uma nibulala imisebenzi yomzimba ngoMoya, nizakuphila.
14Ngokuba bonke abaholwa nguMoya kaNkulunkulu bangabantwana bakaNkulunkulu.
15Ngokuba anamukeliswanga umoya wobugqila ukuba nibuye nesabe; kodwa namukele uMoya wobuntwana, esimemeza ngaye sithi: Aba, Baba.
16UMoya uqobo ufakaza kanye nomoya wethu ukuthi singabantwana bakaNkulunkulu;
17Njalo uba singabantwana, siyizindlalifa; izindlalifa zikaNkulunkulu, lezindlalifa kanye loKristu; uma kambe sihlupheka kanye naye, ukuze siphiwe inkazimulo futhi kanye naye.
18Ngokuba ngithi izinhlupheko zalesi sikhathi azinakulinganiswa nenkazimulo ezakwambulwa kithi.
19Ngokuba ukulangatha okudaliweyo kulindele ukuvezwa kwabantwana bakaNkulunkulu.
20Ngoba okudaliweyo kwabekwa ngaphansi kobuze, kungeyisikho ngokuthanda, kodwa ngaye owakuthobisayo ethembeni;
21Ngokuba nakho okudaliweyo kuyakukhululwa ebugqileni bokubhubha, kube ngukukhululeka kwenkazimulo yabantwana bakaNkulunkulu.
22Ngokuba siyazi ukuthi konke okudaliweyo kuyabubula kanyekanye futhi kunemihelo kuze kube manje.
23Akusikho lokho kuphela, kodwa nathi uqobo lwethu esinolibo lukaMoya, nathi ngokwethu siyabubula phakathi kwethu, silindele ukuma kwabantwana, ukukhululwa kwemizimba yethu.
24Ngokuba sisindiswa ngethemba, kepha ithemba elibonwayo alisilo ithemba;
25Kodwa uma sithemba lokho esingakuboniyo, siyakulindela ngokubekezela.
26Ngokunjalo noMoya uyasisiza ebuthakathakeni bethu, ngokuba asikwazi esingakucela ngokufanele, kepha uMoya uqobo usikhulekela ngokububula okungenakuphinyiselwa.
27Kepha yena ohlola izinhliziyo uyakwazi okuqondwa nguMoya, ngokuba ukhulumela abangcwele ngokwentando kaNkulunkulu.
28Njalo siyazi ukuthi konke kusebenzelana kube ngokuhle kwabamthandayo uNkulunkulu, ababiziweyo ngecebo lakhe.
29Ngokuba labo ayebazi ngaphambili wabamisa ngaphambili bafane nomfanekiso weNdodana yakhe, ukuze yona ibe yizibulo phakathi kwabazalwane abaningi.
30Phezu kwalokho abamisele ngaphambili, labo futhi ababizile;
31Pho siyakuthini ngalezi zinto na? Uma uNkulunkulu engakithi, ngubani ongamelana nathi na?
32Yena ongayigodlanga eyakhe iNdodana, kepha wayinikela ngenxa yethu sonke, uyakuba kanjani ukuba angasiphi ngesihle kanye nayo na?
33Ngubani oyakumangalela abakhethiweyo bakaNkulunkulu na? nguNkulunkulu olungisisayo.
34Ngubani olahlayo? NguKristu owafa, yebo, kakhulu owavuswa kwabafileyo, ongakwesokunene sikaNkulunkulu, osinxuselayo.
35Ngubani oyakusahlukanisa nothando lukaKristu na? Noma usizi, noma ukucindezeleka, noma ukuzingelwa, noma indlala, noma ukuhamba-ze, noma ingozi, noma inkemba?
36Njengokulotshiweyo ukuthi: Ngenxa yakho sibulawa usuku lonke; sibalwa njengezimvu zokuhlatshwa.
37Qha, kukho konke lokhu singabanqobi ngaye owasithandayo.
38Ngoba ngileqiniso ukuthi loba ukufa, loba ukuphila, loba izingilosi, loba iziphathamandla, loba izinto ezikhona, loba izinto ezizayo;
39nakuphakama, nakujula, nanto enye edaliweyo akuyikuba-namandla okusahlukanisa nothando lukaNkulunkulu olukuKristu Jesu iNkosi yethu.

Okuqokiwe okwamanje:

Kwabase Roma 8: ZuluNT

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume