1 kwabaseKorinte 10

10
1 kwabaseKorinte 10
1Phezu kwalokho, bazalwane, angithandi ukuba ningazi, ukuthi obaba bonke babephansi kwefu, badabula ulwandle bonke;
2Bonke babhapathizwa kuMose efwini naselwandle;
3Bonke badla ukudla okufanayo kokomoya;
4Banatha bonke isiphuzo esifanayo sokomoya, ngokuba baphuza edwaleni lomoya elalibalandela, lelo Dwala lalinguKristu.
5Kepha uNkulunkulu akajabulanga ngabaningi babo, ngokuba bachithwa ehlane.
6Lezizinto zaba yizibonelo kithi, ukuze singafisi okubi, njengalokhu bona bafisa.
7Futhi ningabi abakhonza izithombe, njengabanye kubo; njengokulotshiweyo ukuthi: Abantu bahlala phansi ukuba badle, baphuze, basukuma ukuba badlale.
8Futhi masingaphingi, njengabanye kubo benza ubufebe, bafa ngalusuku lunye izinkulungwane ezingamashumi amabili nantathu.
9Futhi masingamlingi uKristu, njengabanye kubo bamlinga, babulawa yizinyoka.
10Futhi ningabubuli njengabanye kubo bakhonona, babhujiswa ngumbhubhisi.
11Kepha zonke lezo zinto zabehlela bona kube yizibonelo, kulotshiwe ukuba kube yisiyalo sethu, esesifikelwe ukuphela kwezwe.
12Ngakho-ke othi umile makaqaphele ukuba angawi.
13Anifikelwa ukulingwa okuvamile kubantu, kepha uNkulunkulu uthembekile, ongayikuvuma ukuba nilingwe ngokungaphezu kwamandla enu; kepha kanye nokulingwa uyakunenza nendlela yokuphunyuka, nize nibe-namandla okukuthwala.
14Ngakho-ke, bathandekayo bami, kubalekeleni ukukhonza izithombe.
15Ngikhuluma njengabahlakaniphileyo; yahluleleni engikushoyo.
16Inkezo yesibusiso esiyibusisayo, ayisikho ukuhlanganyela kwegazi likaKristu na? Isinkwa esisihlephulayo, asiyiyo inhlanganyelo yomzimba kaKristu na?
17Ngokuba thina esibaningi siyisinkwa sinye, simzimba munye, ngokuba thina sonke sihlanganyela leso sinkwa sinye.
18Bhekani u-Israyeli ngokwenyama; abadla imihlatshelo abahlanganyeli ne-altare na?
19Ngithini-ke? ukuthi isithombe siyinto, noma lokho okuhlatshelwe izithombe kuyizinto na?
20Kepha ngithi: Okuhlatshwa ngabezizwe bakuhlabela amademoni, hhayi uNkulunkulu;
21Aninakuphuza indebe yeNkosi nendebe yamademoni; anikwazi ukuhlanganyela etafuleni leNkosi nasetafuleni lamademoni.
22Siyayivusela umhawu iNkosi na? sinamandla kunaye na?
23Zonke izinto zivunyelwe kimi, kepha akusizi konke; kuvunyelwe kimi zonke, kepha akwakhi zonke.
24Makungabikho ozifunela okwakhe, kodwa kube yilowo nalowo inotho yomunye.
25Konke okuthengiswa esilawini kudleni, ningabuzi lutho ngenxa kanembeza;
26Ngokuba umhlaba ungokaJehova nokugcwala kwawo.
27Uma omunye kwabangakholwayo enimema, nithanda ukuya; kudleni konke okubekwa phambi kwenu, ningabuzi lutho ngenxa kanembeza.
28Kodwa uma umuntu ethi kini: Lokhu kuhlatshelwe izithombe, ningadli ngenxa yalowo okubonisileyo nangenxa kanembeza, ngokuba umhlaba ungoweNkosi nokugcwala kwawo;
29Kangitsho unembeza, kungeyisiwo owakho, kodwa owomunye;
30Ngokuba uma ngihlanganyela ngomusa, ngithukwa ngani ngalokho engikubongayo na?
31Ngakho-ke noma nidla, noma niphuza, noma nenzani, konke kwenzeleni udumo lukaNkulunkulu.
32Ningabakhubekisi amaJuda, nabezizwe, nakulo ibandla likaNkulunkulu;
33njengalokhu nami ngithokozisa bonke ezintweni zonke, ngingafuni inzuzo yami, kodwa eyabaningi, ukuze basindiswe.

Okuqokiwe okwamanje:

1 kwabaseKorinte 10: ZuluNT

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume