1 kaPetru 5

5
1 kaPetro 5
1Amalunga aphakathi kwenu ngiyabakhuthaza, mina engimdala, nofakazi wezinhlupheko zikaKristu, nomhlanganyeli enkazimulweni ezakwambulwa;
2Yalusani umhlambi kaNkulunkulu ophakathi kwenu, niwubheke, kungabi ngokucindezelwa, kodwa ngokuzithandela; kungabi ngenzuzo eyichilo, kodwa ngenhliziyo evumayo;
3kungabi ngokuba amakhosi phezu kwefa likaNkulunkulu, kodwa nibe yizibonelo emhlambini.
4Kuyakuthi lapho ebonakala uMalusi omkhulu, niyakwamukeliswa umqhele wenkazimulo ongabuniyo.
5Ngokunjalo, nina basha, thobelani abadala. Yebo, nonke thobelani omunye komunye, nembathe ukuthobeka, ngokuba uNkulunkulu umelana nabazidlayo, kepha abathobekileyo ubapha umusa.
6Ngakho zithobeni ngaphansi kwesandla sikaNkulunkulu esilamandla, ukuze azaliphakamisa ngesikhathi esifaneleyo;
7Niphonse izinkathazo zenu zonke phezu kwakhe; ngoba uyalikhathalela.
8Zithibeni, niqaphe; ngokuba isitha senu uSathane, njengengonyama ebhongayo, siyahamba sifuna engamshwabadela;
9melanani naye niqinile ekukholweni, nazi ukuthi zona lezi zinhlupheko ziyafezwa kubazalwane benu abasezweni.
10Kepha uNkulunkulu womusa wonke owanibizela enkazimulweni yakhe yaphakade ngoKristu Jesu, senihluphekile isikhashana, uyakuniphelelisa, aniqinise, aniqinise, anisekele.
11Makube kuye inkazimulo namandla kuze kube phakade naphakade. Amen.
12NgoSilvanu umzalwane othembekileyo njengokucabanga kwami, ngilobele kini kafushane, ngikhuthaza, ngifakaza ukuthi lo ngumusa oqinisileyo kaNkulunkulu;
13Ibandla eliseBabiloni elikhethiweyo kanye nani liyakhonza kini; kanjalo noMarcus indodana yami.
14Bingelelanani ngokwanga kothando. Ukuthula makube kini nonke enikuKristu Jesu. Amen.

Okuqokiwe okwamanje:

1 kaPetru 5: ZuluNT

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume