IzEnzo 20

20
IzEnzo 20
1Kwathi sesiphelile isiyaluyalu, uPawulu wabizela kuye abafundi, wabagona, wamuka ukuya eMakedoniya.
2Wasedabula lezo zindawo, ebakhuthaza kakhulu, wafika eGrisi.
3Wahlala khona izinyanga ezintathu. Kwathi sebemlalele amaJuda esezasuka aye eSiriya ngomkhumbi, wazimisela ukubuya adabule eMakedoniya.
4Wamphelekezela kwaze kwaba se-Asiya uSopatro waseBereya; nabaseThesalonika, u-Aristarku noSekhundu; noGayu waseDerbe, noThimothewu; nabase-Asiya, oThikhiku noTrofimu.
5Laba basandulela, basilinda eTrowa.
6Sasuka ngomkhumbi eFilipi emva kwezinsuku zesinkwa esingenamvubelo, safika kubo eTrowa ngezinsuku eziyisihlanu; sahlala khona izinsuku eziyisikhombisa.
7Ngosuku lokuqala lweviki, sebebuthene ukuthi bahlephule isinkwa, uPawuli watshumayela kubo, elungele ukusuka ngakusasa; waqhuba inkulumo yakhe kwaze kwaba phakathi kobusuku.
8Kwakukhona izibani eziningi ekamelweni eliphezulu lapho babebuthene khona.
9Kwakuhlezi efasiteleni insizwa ethile igama layo lingu-Evitiku, yehlelwa ngubuthongo obunzima, uPawulu eshumayela isikhathi eside, yazumeka, yawa phansi isuka esitezi sesithathu, yathathwa isifile.
10UPawulu wehla, waziphonsa phezu kwayo, wayigona, wathi: “Ningazihluphi; ngokuba ukuphila kwakhe ukuye.
11Esebuyile futhi, wahlephula isinkwa, wadla, wakhuluma isikhathi eside kwaze kwasa, wamuka.
12Bayiletha insizwa iphila, baduduzeka kakhulu.
13Sandulela ukuya emkhunjini, samuka saya e-Asu, lapho besizakumkhwelisa khona uPawulu, ngokuba wayemise kanjalo, yena ethanda ukuhamba ngezinyawo.
14Esehlangene nathi e-Asu, samngenisa, safika eMithilene.
15Sasuka lapho ngomkhumbi, ngangomuso safika malungana neKiyo; ngangomuso safika eSamo, sahlala eTrogilo; ngangomuso safika eMilethu.
16Ngokuba uPawulu wayezimisele ukudlula e-Efesu ngomkhumbi, ukuze angalibali isikhathi e-Asiya;
17EseMilethu wathumela e-Efesu, wabiza amalunga ebandla.
18Sebefikile kuye, wathi kubo: Niyazi, kusukela osukwini lokuqala engafika ngalo eAsiya, ukuthi nganginjani kini ngezikhathi zonke;
19ngikhonza iNkosi ngakho konke ukuthobeka kwengqondo, langezinyembezi ezinengi, lezilingo, engangehlelayo ngokuqamekela abaJuda;
20lokuthi kangigodlanga lutho olungalisizanga, kodwa ngalitshela, ngalifundisa obala lendlu ngendlu;
21ngifakaza kubaJuda nakumaGreki ukuphendukela kuNkulunkulu, nokukholwa eNkosini yethu uJesu Kristu.
22Manje bhekani, mina ngiya eJerusalema ngiboshiwe emoyeni, ngingakwazi okuyakungehlela khona;
23ngaphandle kokuthi uMoya oNgcwele uyafakaza emizini ngemizi, ethi izibopho nezinhlupheko zingilindile.
24Kepha akukho kwalokhu okunginyakazisayo, futhi ukuphila kwami angikuthathi njengokubalulekile kimi, ukuze ngiqede inkambo yami ngentokozo, nenkonzo engayamukela eNkosini uJesu yokufakaza ivangeli lomusa kaNkulunkulu.
25Manje bhekani, ngiyazi ukuthi nina nonke engahamba phakathi kwenu ngishumayela umbuso kaNkulunkulu anisayikubona ubuso bami.
26Ngakho ngiyafakaza kini namuhla ukuthi anginacala egazini labo bonke abantu.
27Ngoba angigodlanga ukulitshumayela lonke icebo likaNkulunkulu.
28Ziqapheleni nina nomhlambi wonke anibeke kuwo uMoya oNgcwele ukuba nibe ngababonisi bokwelusa ibandla likaNkulunkulu azithengele lona ngegazi lakhe.
29Ngokuba ngiyazi lokhu ukuthi emva kokumuka kwami kuyakungena phakathi kwenu izimpisi ezihahayo, zingawuhawukeli umhlambi.
30Nakini ngokwenu kuyakuvela amadoda, ekhuluma izinto ezonakele, ukuze ahuge abafundi emva kwabo.
31Ngakho-ke lindani, nikhumbule, ukuthi iminyaka emithathu ubusuku nemini angiyekanga ukuxwayisa yilowo nalowo ngezinyembezi.
32Manje, bazalwane, ngiyaninikela kuNkulunkulu nasezwini lomusa wakhe, onamandla okulakha, nokuninika ifa phakathi kwabo bonke abangcwelisiwe.
33Angifisanga isiliva, nagolide, nengubo yomuntu;
34Nani ngokwenu niyazi ukuthi lezi zandla zisebenzele izidingo zami nezababe nami.
35Kukho konke nginibonisile, ukuthi ngokushikashikeka kanje kufanele nisize ababuthakathaka, nikhumbule amazwi eNkosi uJesu, ukuthi yathi: ‘Kubusisekile ukupha kunokwamukela.’
36Eseshilo lokho waguqa phansi nabo bonke, wakhuleka.
37Basebekhala kakhulu bonke, bawela entanyeni kaPawuli, bamanga;
38Badabukile kakhulu ngamazwi awashoyo ukuthi abasayikubona ubuso bakhe. Basebemphelekezela baze bafika emkhunjini.

Okuqokiwe okwamanje:

IzEnzo 20: ZuluNT

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume