Johane 21:15-19

Johane 21:15-19 ZULUNT

Sebedlile uJesu wathi kuSimoni Petru: Simoni kaJona, uyangithanda kunalaba na? Wathi kuye: Yebo, Nkosi; uyazi ukuthi ngiyakuthanda. Wathi kuye: Dlisa amawundlu ami. Wabuye wathi kuye ngokwesibili: Simoni kaJona, uyangithanda na? Wathi kuye: Yebo, Nkosi; uyazi ukuthi ngiyakuthanda. Wathi kuye: Dlisa izimvu zami. Wathi kuye ngokwesithathu: Simoni kaJona, uyangithanda na? UPetru wadabuka ngokuba wathi kuye ngokwesithathu: Uyangithanda na? Wathi kuye: “Nkosi, wazi zonke izinto wena; uyazi ukuthi ngiyakuthanda. UJesu wathi kuye: Dlisa izimvu zami. Ngiqinisile, ngiqinisile, ngithi kuwe: Usemusha, wawuzibhinca, uhambe lapho owawuthanda khona; hhayi. Wakukhuluma lokho ekhomba ukufa okungako ayeyakukhazimulisa ngakho uNkulunkulu. Eseshilo lokho wathi kuye: “Ngilandele.”

Funda Johane 21

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne Johane 21:15-19