Luka 1

1
Luka 1
1Njengoba abanengi sebebambele isandla ukuhlela isimemezelo sezinto ezikholwayo phakathi kwethu,
2njengalokho basinikela bona, ababengofakazi bokuzibonela kwasekuqaleni nezikhonzi zezwi;
3Kwabonakala kukuhle kimi nami, sengikwazi kahle zonke izinto kusukela ekuqaleni, ukukubhalela ngokulandelana, Theyofilu odumileyo,
4ukuze wazi iqiniso lezinto ozifundisiweyo.
5Emihleni kaHerode inkosi yaseJudiya kwakukhona umpristi othile ogama lakhe linguZakariya, owesigaba sika-Abiya, nomkakhe engowamadodakazi ka-Aroni, igama lakhe kungu-Elisabethe.
6Babelungile bobabili phambi kukaNkulunkulu, behamba ngayo yonke imiyalo nezimiso zeNkosi bengasoleki.
7Babengenamntwana, ngokuba u-Elisabethe wayeyinyumba, futhi base bekhulile bobabili.
8Kwasekusithi esenza inkonzo yobupristi phambi kukaNkulunkulu ngehlelo lesigaba sakhe.
9Njengomkhuba wobupristi, kwaba yinkatho yakhe ukushisa impepho, lapho engena ethempelini leNkosi.
10Isixuku sonke sabantu sasikhuleka ngaphandle ngesikhathi sempepho.
11Kwabonakala kuye ingelosi yeNkosi imi ngakwesokunene se-altare lempepho.
12UZakariya eyibona wethuka, novalo lwamehlela.
13Kepha ingelosi yathi kuye: “Ungesabi, Zakariya, ngokuba ukukhuleka kwakho kuzwakele; umkakho u-Elisabethe uzakukuzalela indodana, uyiqambe igama lokuthi uJohane.
14Wena uyakuba nokujabula nokuthokoza; nabaningi bayakujabula ngokuzalwa kwakhe.
15Ngokuba uyakuba mkhulu phambi kweNkosi, angaphuzi wayini naphuzo oludakayo; futhi uyogcwaliswa ngoMoya oNgcwele kusukela esizalweni sikanina.
16Abaningi kubantwana bakwa-Israyeli uyakubaphendulela eNkosini uNkulunkulu wabo.
17Iyakuhamba phambi kwayo emoyeni nangamandla ka-Eliya ukuphendulela izinhliziyo zawoyise kubantwana, nabangalaleliyo ekuhlakanipheni kwabalungileyo; ukulungisa isizwe esilungiselwe iNkosi.
18UZakariya wathi engelosini: “Ngiyakwazi ngani lokhu na? ngokuba mina sengimdala, nomkami usekhulile.
19Ingelosi yaphendula, yathi kuye: “Mina nginguGabriyeli, omayo phambi kukaNkulunkulu; ngithunyiwe ukuba ngikhulume kuwe, ngikubikele lezi zindaba ezinhle.
20Bheka, uyakuba yisimungulu, ungakwazi ukukhuluma, kuze kufike usuku okuyakwenzeka ngalo lokho, ngokuba ungakholwanga ngamazwi ami ayakugcwaliseka ngesikhathi sawo.
21Abantu babemlindile uZakariya, bamangala ngokulibala kwakhe ethempelini.
22Esephumile wahluleka ukukhuluma labo, basebeqonda ukuthi ubone umbono ethempelini, wasebaqhweba, wahlala eyisimungulu.
23Kwathi seziphelile izinsuku zokukhonza kwakhe, wamuka waya endlini yakhe.
24Emva kwalezo zinsuku u-Elisabethe umkakhe wakhulelwa, wazifihla izinyanga eziyisihlanu, wathi:
25Yenze njalo kimi uJehova ezinsukwini eyangibheka ngazo ukususa ihlazo lami phakathi kwabantu.
26Ngenyanga yesithupha ingelosi uGabriyeli yathunywa nguNkulunkulu emzini waseGalile othiwa iNazaretha.
27Entombini eyayimiselwe indoda egama layo linguJosefa wendlu kaDavide; lebizo lentombi nguMariya.
28Ingelosi yangena kuye, yathi: “Sawubona, wena ophiwe umusa, uJehova unawe; ubusisiwe wena phakathi kwabesifazane.
29Kwathi eyibona wethuka ngezwi layo, wacabanga ukuthi kungaba kubingelela bani lokhu.
30Ingelosi yathi kuye: “Ungesabi, Mariya, ngokuba ufumene umusa kuNkulunkulu.
31Bheka, uzakukhulelwa, uzale indodana, uyiqambe igama lokuthi uJesu.
32Yena uyakuba mkhulu, ibizwe ngokuthi iNdodana yoPhezukonke, futhi iNkosi uNkulunkulu iyakumnika isihlalo sobukhosi sikayise uDavide.
33Uyakubusa phezu kwendlu kaJakobe kuze kube phakade; nombuso wakhe awuyikuba nakuphela.
34UMariya wayesethi engelosini: “Lokhu kuyakwenzeka kanjani, lokhu ngingayazi indoda na?
35Ingelosi yaphendula, yathi kuye: “UMoya oNgcwele uzakuza phezu kwakho, namandla oPhezukonke akusibekele;
36Bheka, u-Elisabethe umzala wakho, naye ukhulelwe indodana esebudaleni bakhe;
37Ngokuba akukho lutho olungenzeke kuNkulunkulu.
38UMariya wathi: “Bheka, ngiyincekukazi yeNkosi; makube kimi njengezwi lakho. Ingelosi yamuka kuye.
39Ngalezo zinsuku uMariya wasuka waya ngokushesha ezintabeni, emzini wakwaJuda;
40Wangena endlini kaZakariya, wabingelela u-Elisabethe.
41Kwathi u-Elisabethe ezwa ukubingelela kukaMariya, umntwana waxhuma esizalweni sakhe; u-Elisabethe wagcwala uMoya oNgcwele;
42Wamemeza ngezwi elikhulu, wathi: “Ubusisiwe wena phakathi kwabesifazane, futhi sibusisiwe isithelo sesisu sakho.
43Kuzuzeni lokhu ukuba unina weNkosi yami eze kimi na?
44Ngokuba bheka, kuthe izwi lokubingelela kwakho lizwakala ezindlebeni zami, umntwana waxhuma esizalweni sami ngokujabula.
45Ubusisiwe owakholwayo, ngokuba kuyakuba khona ukugcwaliseka kwalokho akutshelwa yiNkosi.
46UMariya wasesithi: Umphefumulo wami uyayitusa iNkosi.
47Nomoya wami uyathokoza kuNkulunkulu uMsindisi wami.
48Ngokuba ubhekile ubuphansi bencekukazi yakhe, ngokuba bheka, kusukela manje izizukulwane zonke ziyakuthi ngibusisiwe.
49Ngoba uSomandla ungenzele izinto ezinkulu; lingcwele igama lakhe.
50Futhi umusa wakhe uzizukulwane ngezizukulwane kulabo abamesabayo.
51Wenzile amandla ngengalo yakhe; ubachithile abazidlayo ekucabangeni kwezinhliziyo zabo.
52Wehlise abanamandla ezihlalweni zabo zobukhosi, wabaphakamisa abaphansi.
53Ubasuthisile abalambileyo ngezinto ezinhle; nabacebile wabamukisa bengenalutho.
54Uyisizile inceku yakhe u-Israyeli, ekhumbula umusa wakhe;
55njengalokho yakhuluma kokhokho bethu ku-Abrahama nenzalo yakhe kuze kube phakade.
56UMariya wahlala naye kungathi izinyanga ezintathu, wabuyela endlini yakhe.
57Saphelela-ke isikhathi sika-Elisabethe sokuba abelethe; wazala indodana.
58Omakhelwane bakhe nabazala bakhe bezwa ukuthi iNkosi yenze isihawu esikhulu kuye; basebethokoza kanye laye.
59Kwathi ngosuku lwesishiyagalombili beza ukuzosoka umntwana. bambiza ngegama likayise uZakariya.
60Unina waphendula wathi: “Qha; kodwa uzakuthiwa uJohane.
61Bathi kuye: “Akakho ezihlotsheni zakho obizwa ngaleli gama.
62Basebeqhweba uyise ukuthi ufuna iqanjwe njani.
63Wacela isibhebhe, waloba ukuthi: NguJohane igama lakhe. Bamangala bonke.
64Kwase kuvuleka umlomo wakhe khona lapho nolimi lwakhe, wakhuluma, wambonga uNkulunkulu.
65Bonke abakhelene nabo behlelwa ngukwesaba, futhi zonke lezi zindaba zezwakala ezweni lonke lezintaba laseJudiya.
66Bonke abazizwayo bakubeka ezinhliziyweni zabo, bethi: “Lo mntwana uyakuba yini na? Futhi isandla sikaJehova sasinaye.
67Uyise uZakariya wagcwala uMoya oNgcwele, waprofetha, wathi:
68Makabongwe uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli; ngokuba ubahambele, wabahlenga abantu bakhe;
69Usivusele uphondo lwensindiso endlini kaDavide inceku yakhe;
70Njengoba akhuluma ngomlomo wabaprofethi bakhe abangcwele, ababekhona kusukela endulo.
71ukuze sisindiswe ezitheni zethu nasesandleni sabo bonke abasizondayo;
72Ukwenzela obaba umusa nokukhumbula isivumelwano sakhe esingcwele;
73Isifungo asenza kubaba u-Abhrahama.
74ukuze asinike, ukuthi sikhululwe esandleni sezitha zethu, siyikhonze singesabi;
75ngobungcwele nokulunga phambi kwakhe zonke izinsuku zokuhamba kwethu.
76Nawe, mntwana, uyakuthiwa umprofethi woPhezukonke, ngokuba wena uyakuhamba phambi kobuso beNkosi ukulungisa izindlela zayo;
77ukuze anike abantu bakhe ulwazi lwensindiso ngokuthethelelwa kwezono zabo,
78Ngomusa kaNkulunkulu wethu; okwasihambela ngalo ukuntwela kokusa okuvela phezulu.
79ukubakhanyisela abahlezi ebumnyameni nasethunzini lokufa, ukuqondisa izinyawo zethu endleleni yokuthula.
80Umntwana wakhula, waba namandla emoyeni; wayesezinkangala kwaze kwaba lusuku lokubonakaliswa kwakhe kuIsrayeli.

Okuqokiwe okwamanje:

Luka 1: ZuluNT

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume