Mathewu 17

17
Mathewu 17
1Emva kwezinsuku eziyisithupha uJesu wathatha oPetru, noJakobe, noJohane umfowabo, wakhuphukela nabo entabeni ende bebodwa.
2Waseguqulwa isimo phambi kwabo, ubuso bakhe bakhazimula njengelanga, nezingubo zakhe zaba mhlophe njengokukhanya.
3Bheka, kwabonakala kubo oMose no-Eliya bekhuluma naye.
4Wayesephendula uPetru, wathi kuJesu: “Nkosi, kuhle ukuba sibe lapha; elinye libe ngelakho, elinye libe ngelikaMose, elinye libe ngelika-Eliya.
5Esakhuluma, bheka, ifu elikhanyayo labasithibeza; bheka, kwavela izwi efwini, lithi: “Lo uyiNdodana yami ethandekayo engithokozile ngayo; yizweni.
6Kwathi abafundi bekuzwa, bawa ngobuso, besaba kakhulu.
7Wasondela uJesu, wabathinta, wathi: Sukumani ningesabi.
8Sebephakamisa amehlo abo, ababonanga muntu, kuphela uJesu yedwa.
9Sebehla entabeni, uJesu wabayala, wathi: “Ningatsheli muntu umbono, ize ivuke kwabafileyo iNdodana yomuntu.
10Abafundi bakhe basebembuza, besithi: Pho batshoni ababhali ukuthi uEliya umelwe ukufika kuqala?
11UJesu waphendula, wathi kubo: “Nempela u-Eliya uzakufika kuqala, abuyisele zonke izinto.
12Kepha ngithi kini: U-Eliya usefikile, kepha abamazanga, kepha benza kuye abakuthandayo. Kanjalo neNdodana yomuntu iyakuhlushwa yibo.
13Khona abafundi baqonda ukuthi ubekhuluma kubo ngoJohane uMbhapathizi.
14Kwathi sebefikile exukwini, kweza kuye indoda ethile, yaguqa phambi kwakhe, yathi:
15Nkosi, hawukela indodana yami, ngokuba inosathane, ikhathazekile; ngokuba iwela kaningi emlilweni, kaningi emanzini.
16Ngiyilethe kubafundi bakho, kepha behlulekile ukuyiphulukisa.
17UJesu waphendula wathi: “O sizukulwane esingakholwayo nesiphambeneyo, koze kube nini nginani na? koze kube nini nginibekezelela? mletheni lapha kimi.
18UJesu wamkhuza idemoni; waphuma kuye; umntwana waphulukiswa kusukela ngaleso sikhathi.
19Khona abafundi beza kuJesu bebodwa, bathi: “Thina besingemkhiphe ngani na?
20UJesu wathi kubo: “Ngenxa yokungakholwa kwenu; futhi iyosuka; njalo kakukho okungenzeki kini.
21Nokho lolu hlobo aluphumi kuphela ngokukhuleka nokuzila ukudla.
22Kwathi besahlezi eGalili, uJesu wathi kubo: INdodana yomuntu izanikelwa ezandleni zabantu.
23njalo bazambulala, kodwa ngosuku lwesithathu izavuswa. Basebedabuka kakhulu.
24Sebefikile eKapernawume, kweza kuPetru abakhokha intela, bathi: “Umfundisi wenu akayitheli yini imali?
25Wathi: Yebo. Esengenile endlini, uJesu wamandulela, wathi: “Ucabangani, Simoni? Amakhosi omhlaba athatha kubani intela nenkokhiso? kubantwana babo, kumbe kwabafokazi?
26UPetro wathi kuye: Kwabezizweni. UJesu wathi kuye: Ngakho-ke abantwana bakhululekile.
27Kodwa-ke ukuba singabakhubekisi, yana elwandle, uphonse udobo, ubambe inhlanzi ephuma kuqala; wothi ukuba uyivule umlomo, uzakufumana imali; yithathe, ubanike, usithelele mina nawe.”

Okuqokiwe okwamanje:

Mathewu 17: ZuluNT

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume