Mathewu 8:5-13
Mathewu 8:5-13 ZULUNT
Kwathi uJesu esengenile eKapenawume, kweza kuye induna yekhulu, yamncenga. ethi: Nkosi, inceku yami ilele endlini ofe uhlangothi, ibuhlungu kakhulu. UJesu wathi kuye: Mina ngizakuza ngimphulukise. Induna yekhulu yaphendula yathi: Nkosi, kangifanele ukuthi ungene ngaphansi kophahla lwami; Ngokuba nami ngingumuntu ophansi kwegunya, nginamasosha phansi kwami; futhi kwenye: Woza, futhi uyeza; nasencekwini yami, Yenza lokhu, ikwenze. UJesu ekuzwa wamangala, wathi kwabamlandelayo: “Ngiqinisile ngithi kini: Angizange ngithole ukholo olungaka nakwa-Israyeli. Kepha ngithi kini: Abaningi bayakuza bevela empumalanga nasentshonalanga, bahlale ekudleni no-Abrahama, no-Isaka, noJakobe embusweni wezulu. Kepha abantwana bombuso bayakukhishelwa ebumnyameni obungaphandle; lapho kuyakuba khona ukukhala nokugedla amazinyo. UJesu wasesithi enduneni yekhulu: Hamba; futhi njengoba ukholiwe, makwenzeke kuwe kanjalo. Futhi inceku yakhe yasinda ngaso leso sikhathi.

