NgokukaMathewu 8:5-13 - Qhathanisa Zonke Izinguqulo
NgokukaMathewu 8:5-13 ZUL59 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
Kwathi esangena eKapernawume, kweza kuye induna yekhulu, yamncenga yathi: “Nkosi, umfana wami ulele endlini, ufe uhlangothi, ukhwelwe kakhulu ngubuhlungu.” Wathi kuyo: “Mina ngizakuza ngimphulukise.” Induna yekhulu yaphendula yathi: “Nkosi, angifanele ukuba ungene phansi kophahla lwami, kepha yisho izwi nje, khona umfana wami uyakusinda. Ngokuba nami ngingumuntu ophansi kwamakhosi, nginamabutho phansi kwami; ngithi kwelinye: ‘Hamba,’ lihambe; ngithi kwelinye: ‘Woza,’ lize; nasencekwini yami: ‘Yenza lokhu,’ ikwenze.” UJesu ekuzwa lokho wamangala, wathi kwabamlandelayo: “Ngiqinisile ngithi kini: Angizange ngifumane kwa-Israyeli ukukholwa okungaka kumuntu. Kepha ngithi kini: Abaningi bayakuza bevela empumalanga nasentshonalanga, bahlale ekudleni no-Abrahama no-Isaka noJakobe embusweni wezulu, kodwa abantwana bombuso bayakukhishelwa ebumnyameni obungaphandle; lapho kuyakuba khona ukukhala nokugedla amazinyo.” UJesu wayesethi enduneni yekhulu: “Hamba, makube kuwe njengokukholwa kwakho.” Umfana wasinda ngaso leso sikhathi.
NgokukaMathewu 8:5-13 ZUL20 (IsiZulu 2020)
Kwathi lapho uJesu engena eKhaphernawume, kweza kuye induna yekhulu, yamnxusa, yathi: “Nkosi, umfana wami ulele endlini, ufe uhlangothi; usezinhlungwini ezinzima.” UJesu wayesethi kuyo: “Mina ngizakuza ngimphulukise.” Kepha induna yekhulu yaphendula yathi: “Nkosi, angifanele ukuba ungangena phansi kophahla lwami, kodwa khipha izwi nje, khona umfana wami uyakusinda. Ngokuba nami ngingumuntu ophansi komthetho, nginamabutho phansi kwami; ngithi kwelinye: ‘Hamba,’ lihambe; ngithi kwelinye: ‘Woza,’ lize; nasencekwini yami ngithi: ‘Yenza lokhu,’ ikwenze.” UJesu ekuzwa lokhu wamangala, wayesethi kwababemlandela: “Ngiqinisile ngithi kini: angikaze ngikufumane kumuntu ukukholwa okungaka kwa-Israyeli. Kepha ngithi kini: baningi abayakuza bevela empumalanga nasentshonalanga, bahlale, badle no-Abhrahama no-Isaka noJakobe embusweni wezulu. Kepha abantwana bombuso bayakukhishelwa ngaphandle ebumnyameni obungayiwa; lapho kuyakuba khona ukukhala nokugedla amazinyo.” UJesu wayesethi enduneni yekhulu: “Hamba, makwenzeke kuwe njengokukholwa kwakho.” Umfana wasinda ngalo lelo hora.
NgokukaMathewu 8:5-13 ZULUNT (Baasraak Zulu New Testament Bible)
Kwathi uJesu esengenile eKapenawume, kweza kuye induna yekhulu, yamncenga. ethi: Nkosi, inceku yami ilele endlini ofe uhlangothi, ibuhlungu kakhulu. UJesu wathi kuye: Mina ngizakuza ngimphulukise. Induna yekhulu yaphendula yathi: Nkosi, kangifanele ukuthi ungene ngaphansi kophahla lwami; Ngokuba nami ngingumuntu ophansi kwegunya, nginamasosha phansi kwami; futhi kwenye: Woza, futhi uyeza; nasencekwini yami, Yenza lokhu, ikwenze. UJesu ekuzwa wamangala, wathi kwabamlandelayo: “Ngiqinisile ngithi kini: Angizange ngithole ukholo olungaka nakwa-Israyeli. Kepha ngithi kini: Abaningi bayakuza bevela empumalanga nasentshonalanga, bahlale ekudleni no-Abrahama, no-Isaka, noJakobe embusweni wezulu. Kepha abantwana bombuso bayakukhishelwa ebumnyameni obungaphandle; lapho kuyakuba khona ukukhala nokugedla amazinyo. UJesu wasesithi enduneni yekhulu: Hamba; futhi njengoba ukholiwe, makwenzeke kuwe kanjalo. Futhi inceku yakhe yasinda ngaso leso sikhathi.
NgokukaMathewu 8:5-13 CZB24 (Contemporary Zulu Bible 2024)
Kwathi uJesu esengenile eKapenawume, kweza kuye induna yekhulu, yamncenga. Ethi: Nkosi, inceku yami ilele endlini ofe uhlangothi, ibuhlungu kakhulu. UJesu wathi kuye: Mina ngizakuza ngimphulukise. Induna yekhulu yaphendula yathi: Nkosi, kangifanele ukuthi ungene ngaphansi kophahla lwami; Ngokuba nami ngingumuntu ophansi kwegunya, nginamasosha phansi kwami; futhi kwenye: Woza, futhi uyeza; nasencekwini yami, Yenza lokhu, ikwenze. UJesu ekuzwa wamangala, wathi kwabamlandelayo: “Ngiqinisile ngithi kini: Angizange ngithole ukholo olungaka nakwa-Israyeli. Kepha ngithi kini: Abaningi bayakuza bevela empumalanga nasentshonalanga, bahlale ekudleni no-Abrahama, no-Isaka, noJakobe embusweni wezulu. Kepha abantwana bombuso bayakukhishelwa ebumnyameni obungaphandle; lapho kuyakuba khona ukukhala nokugedla amazinyo. UJesu wasesithi enduneni yekhulu: Hamba; futhi njengoba ukholiwe, makwenzeke kuwe kanjalo. Futhi inceku yakhe yasinda ngaso leso sikhathi.