IsAmbulo 1
1
IsAmbulo 1
1Isambulo sikaJesu Kristu amnika sona uNkulunkulu ukuba abonise izinceku zakhe okumelwe ukwenzeka masinyane; wathumela ngengelosi yakhe wabonakalisa encekwini yakhe uJohane.
2owafakaza ngezwi likaNkulunkulu, nobufakazi bukaJesu Kristu, nangazo zonke izinto azibonayo.
3Ubusisiwe ofundayo, nabawezwayo amazwi alesi siprofetho, bagcine okulotshiweyo kuso, ngokuba isikhathi siseduze.
4UJohane kuwo amabandla ayisikhombisa ase-Asiya: Makube kini umusa nokuthula okuvela kuye okhona nowayekhona nozayo; nakuMoya abayisikhombisa abaphambi kwesihlalo sakhe sobukhosi;
5nakuJesu Kristu, ongufakazi othembekileyo, nezibulo kwabafileyo, nombusi wamakhosi omhlaba. Kuye owasithandayo nowasigeza ezonweni zethu ngegazi lakhe.
6wasesenza amakhosi labapristi kuNkulunkulu uYise; makube kuye inkazimulo namandla kuze kube phakade naphakade. Amen.
7Bheka, uyeza namafu; namehlo onke ayakumbona, nabamgwazayo, nezizwe zonke zomhlaba ziyakulila ngaye. Noma kunjalo Amen.
8Mina ngingu-Alfa no-Omega, isiqalo nesiphetho, isho iNkosi, ekhona, neyayikhona, nezayo, uMninimandla onke.
9Mina Johane, nongumfowenu, nomhlanganyeli wenu osizini, embusweni nasekubekezeleni kukaJesu Kristu, ngangisesiqhingini esithiwa iPhatmose ngenxa yezwi likaNkulunkulu nangenxa yobufakazi bukaJesu Kristu.
10NgangikuMoya ngosuku lweNkosi, ngezwa emva kwami izwi elikhulu kungathi ngelecilongo;
11esithi: Mina nginguAlfa loOmega, owokuqala lowokuphela; e-Efesu, naseSmirna, nasePhergamo, naseThiyathira, naseSardesi, naseFiladelfiya, naseLawodikeya.
12Ngase ngiphenduka ukuba ngibone izwi elalikhuluma nami. Ngithe ngiphenduka, ngabona izinti zezibani eziyisikhombisa zegolide;
13Naphakathi kwezinti zezibani eziyisikhombisa onjengeNdodana yomuntu, embethe ingubo efika ezinyaweni, ebophe isifuba ngebhande legolide.
14Ikhanda lakhe nezinwele zakhe kwakumhlophe njengoboya bezimvu, njengeqhwa; amehlo akhe enjengelangabi lomlilo;
15Izinyawo zakhe zazifana nethusi elicwengekileyo, sengathi zishiswe esithandweni; lelizwi lakhe linjengomsindo wamanzi amanengi.
16Esandleni sakhe sokunene wayephethe izinkanyezi eziyisikhombisa, nasemlonyeni wakhe kuphuma inkemba ebukhali esika nhlangothi zombili, nobuso bakhe bunjengelanga elikhanya ngamandla alo.
17Kwathi ngimbona, ngawa ngasezinyaweni zakhe njengofileyo. Wayesebeka isandla sakhe sokunene phezu kwami, ethi kimi: “Ungesabi; ngingowokuqala nowokugcina;
18Mina ngingophilayo, futhi ngangifile; futhi bheka, ngiyaphila kuze kube phakade, Amen; futhi nginezihluthulelo zesihogo nezokufa.
19Loba izinto ozibonileyo, lezikhona, lezinto ezizakuba khona emva kwalokhu;
20Imfihlakalo yezinkanyezi eziyisikhombisa ozibonileyo esandleni sami sokunene, nezinti zezibani eziyisikhombisa zegolide. Izinkanyezi eziyisikhombisa ziyizingelosi zamabandla ayisikhombisa, nezinti zezibani eziyisikhombisa zingamabandla ayisikhombisa.
Okuqokiwe okwamanje:
IsAmbulo 1: ZuluNT
Qhakambisa
Dlulisela
Kopisha
Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume
Copyright of City Bible Foundation in cooperation with Baasraak Bible Translation from Baasraak Media © 2023.