Kwabase Roma 10

10
KwabaseRoma 10
1Bazalwane, isifiso senhliziyo yami nomkhuleko wami kuNkulunkulu ngo-Israyeli kuwukuba basindiswe.
2Ngokuba ngiyabafakazela ukuthi banentshiseko ngoNkulunkulu, kodwa kungengokokwazi.
3Ngokuba bengakwazi ukulunga kukaNkulunkulu, befuna ukumisa okwabo ukulunga, abazithobanga ekulungeni kukaNkulunkulu.
4Ngokuba uKristu uyisiphetho somthetho kube ngukulunga kubo bonke abakholwayo.
5Ngokuba uMose ubhala ukulunga okungokomthetho, ukuthi umuntu ozenzayo lezo zinto uyakuphila ngazo.
6Kepha ukulunga okungokukholwa kusho kanje: “Ungasho enhliziyweni yakho ukuthi: ‘Ngubani oyakwenyukela ezulwini na? (okungukuthi, ukwehlisa uKristu ezulwini:)
7Kumbe: Ngubani ozakwehlela ekujuleni? (okungukuthi, ukuvusa uKristu kwabafileyo.)
8Kodwa lithini? Izwi liseduze nawe, emlonyeni wakho nasenhliziyweni yakho, okungukuthi, izwi lokukholwa, esilishumayelayo;
9Ngokuba uma uvuma ngomlomo wakho ukuthi uJesu uyiNkosi, ukholwa enhliziyweni yakho ukuthi uNkulunkulu wamvusa kwabafileyo, uyakusindiswa.
10Ngokuba umuntu ukholwa ngenhliziyo kube ngukulunga; futhi ngomlomo kuvuma kube yinsindiso.
11Ngoba umbhalo uthi: Wonke okholwa kuye kayikujabha.
12Ngokuba akukho mehluko phakathi komJuda nomGreki, ngokuba iNkosi eyodwa phezu kwabo bonke inothile kubo bonke abakhuleka kuyo.
13Ngokuba yilowo nalowo obiza igama leNkosi uyakusindiswa.
14Pho-ke bayakukhuleka kanjani kuye abangakholwanga kuye na? bayakukholwa kanjani kuye abangezwanga ngaye na? bayakuzwa kanjani kungekho mshumayeli na?
15Bayakushumayela kanjani, uma bengathunywa na? njengokulotshiweyo ukuthi: “Yeka, zinhle izinyawo zabashumayela ivangeli lokuthula, nabaletha ivangeli lezinto ezinhle!
16Kodwa kabalilalelanga bonke ivangeli. Ngokuba u-Isaya uthi: “Nkosi, ngubani okholwe umbiko wethu na?
17Ngakho ukukholwa kuvela ngokuzwa, ukuzwa kuvela ngezwi likaNkulunkulu.
18Kodwa ngithi: Kabezwanga yini? Yebo, impela, izwi labo liphumele emhlabeni wonke, namazwi abo emikhawulweni yomhlaba.
19Kodwa ngithi: UIsrayeli wayengazi yini? Kuqala uMose uthi: “Ngiyakunivusela umhawu ngabangesiso isizwe, nginithukuthelise ngesizwe esingenangqondo.
20Kepha u-Isaya unesibindi esikhulu, uthi: “Ngafunyanwa yilabo ababengangifuni; ngabonakaliswa kwabangazange bangibuze.
21Kodwa kuIsrayeli uthi: Usuku lonke ngelulela izandla zami ebantwini abangalaleliyo labaphikayo.

Okuqokiwe okwamanje:

Kwabase Roma 10: ZuluNT

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume