EkaJokobe 2:14-26
EkaJokobe 2:14-26 CZB24
Kusizani, bazalwane bami, noma umuntu ethi unokukholwa, kepha engenayo imisebenzi na? ukukholwa kungamsindisa na? Uma umzalwane noma udade behamba ze, beswela ukudla kwemihla ngemihla, Omunye wenu wathi kubo: Hambani ngokuthula, lifudumale, lisuthe; kodwa anibaniki izinto ezidingekayo emzimbeni; kusizani? Kanjalo nokukholwa, uma kungenayo imisebenzi, kufile kukodwa. Yebo, omunye angase athi: Wena unokukholwa, mina nginemisebenzi; ngibonise ukukholwa kwakho ngaphandle kwemisebenzi yakho, nami ngizakukukhombisa ukukholwa kwami ngemisebenzi yami. Wena uyakholwa ukuthi uNkulunkulu munye; wenza kahle; namademoni ayakholwa, athuthumele. Kodwa uyathanda yini ukwazi wena muntu oyize, ukuthi ukholo olungelamisebenzi lufile? U-Abrahama ubaba akalungisiswanga yini ngemisebenzi, lapho enikela u-Isaka indodana yakhe e-altare na? Uyabona ukuthi ukukholwa kwasebenza kanye nemisebenzi yakhe, nokuthi ukholo lwapheleliswa ngemisebenzi? Kwase kugcwaliseka umbhalo othi: U-Abrahama wakholwa nguNkulunkulu, kwabalelwa kuye ukuthi kungukulunga, wabizwa ngokuthi uMngane kaNkulunkulu. Niyabona-ke ukuthi umuntu ulungisiswa ngemisebenzi, kungengokukholwa kuphela. Ngokunjalo noRahabi isifebe akalungisiswanga yini ngemisebenzi, esezamukele izithunywa, esezikhiphe ngenye indlela? Ngokuba njengalokhu umzimba ngaphandle komoya ufile, kanjalo nokukholwa ngaphandle kwemisebenzi kufile.


