I-logo yo Hlelo Lokusebenza lweBhayibheli
Isici soku Sesha

EkaJakobe 2:14-26 - Qhathanisa Zonke Izinguqulo

EkaJakobe 2:14-26 ZUL59 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)

Kusizani, bazalwane bami, uma umuntu ethi unokukholwa, kepha engenayo imisebenzi na? Ukukholwa kungamsindisa na? Uma umzalwane noma umzalwanekazi behamba ze, beswela ukudla kwemihla ngemihla, kusho omunye kini kubo ukuthi: “Hambani nibe nokuthula, nifudumale; nisuthe,” kepha ningabaphi lokho okudingwa ngumzimba, lokhu kusizani na? Kanjalo-ke nokukholwa, uma kungenayo imisebenzi, kufile ngokwakho. Kepha omunye uyakuthi: “Wena unokukholwa, mina nginemisebenzi,” ngibonise ukukholwa kwakho ngaphandle kwemisebenzi, nami ngizakukukhombisa ukukholwa ngemisebenzi yami. Wena uyakholwa ukuthi uNkulunkulu munye na? Wenza kahle; namademoni ayakholwa, athuthumele. Kepha wena muntu ongelutho uyathanda ukuqonda ukuthi ukukholwa ngaphandle kwemisebenzi kuyize na? U-Abrahama ubaba wayengalungisiswa yini ngemisebenzi enikela ngendodana yakhe u-Isaka e-altare na? Uyabona ukuthi ukukholwa kwasebenza kanye nemisebenzi yakhe nokuthi ukukholwa kwapheleliswa ngemisebenzi, kwagcwaliseka umbhalo othi: “Kepha u-Abrahama wakholwa nguNkulunkulu, kwabalelwa kuye ukuthi kungukulunga,” wabizwa ngokuthi umhlobo kaNkulunkulu. Niyabona ukuthi umuntu uyalungisiswa ngemisebenzi, kungengokukholwa kuphela. Kanjalo-ke noRahabi isifebe wayengalungisiswa ngemisebenzi yini, ezamukele izithunywa eziphumisa ngenye indlela na? Ngokuba njengalokhu umzimba ngaphandle komoya ufile, kanjalo nokukholwa ngaphandle kwemisebenzi kufile.

EkaJakobe 2:14-26 ZUL20 (IsiZulu 2020)

Kusiza ngani, bazalwane bami, uma umuntu ethi uyakholwa, kepha engenayo imisebenzi na? Ukukholwa kungamsindisa na? Uma umzalwane noma umzalwanekazi ehlubule, eswele ukudla imihla ngemihla, bese omunye wenu ethi kuye: “Hamba ngokuthula, uthokomale; usuthe,” kodwa engamuphi lokho okudingwa ngumzimba, kusiza ngani lokho na? Kanjalo-ke uma ukukholwa kungenayo imisebenzi, kufile ngokwakho. Kepha omunye uyakuthi: “Unokukholwa, mina nginemisebenzi;” ngikhombise ukukholwa kwakho ngaphandle kwemisebenzi, mina ngizakukhombisa ukukholwa kwami ngemisebenzi yami. Uyakholwa ukuthi uNkulunkulu munye na? Wenza kahle; ingani namadimoni ayakholwa, futhi athuthumele. Siwula ndini, uyathanda yini ukwazi ukuthi ukukholwa okungenayo imisebenzi kuyize na? U-Abhrahama, ukhokho wethu, akalungisiswanga yini ngemisebenzi lapho enikela ngendodana yakhe u-Isaka e-althare na? Uyabona ukuthi ukukholwa kwakusebenza kanye nemisebenzi yakhe, nokuthi ukukholwa kwapheleliswa ngemisebenzi. Kwagcwaliseka umbhalo othi: “U-Abhrahama wakholwa nguNkulunkulu, kwabalelwa kuye ukuthi kungukulunga.” Wayesebizwa ngokuthi ungumngani kaNkulunkulu. Niyabona ukuthi umuntu uyalungisiswa ngemisebenzi, hhayi ngokukholwa kuphela. Kanjalo uRahabi isifebe akalungisiswanga yini ngemisebenzi ngokuba wemukela izithunywa, wabuye wazishushumbisa ngenye indlela na? Ngokuba njengalokhu umzimba ngaphandle komoya ufile, kanjalo nokukholwa ngaphandle kwemisebenzi kufile.

EkaJakobe 2:14-26 ZULUNT (Baasraak Zulu New Testament Bible)

Kusizani, bazalwane bami, noma umuntu ethi unokukholwa, kepha engenayo imisebenzi na? ukukholwa kungamsindisa na? Uma umzalwane noma udade behamba ze, beswela ukudla kwemihla ngemihla, Omunye wenu wathi kubo: Hambani ngokuthula, lifudumale, lisuthe; kodwa anibaniki izinto ezidingekayo emzimbeni; kusizani? Kanjalo nokukholwa, uma kungenayo imisebenzi, kufile kukodwa. Yebo, omunye angase athi: Wena unokukholwa, mina nginemisebenzi; ngibonise ukukholwa kwakho ngaphandle kwemisebenzi yakho, nami ngizakukukhombisa ukukholwa kwami ngemisebenzi yami. Wena uyakholwa ukuthi uNkulunkulu munye; wenza kahle; namademoni ayakholwa, athuthumele. Kodwa uyathanda yini ukwazi wena muntu oyize, ukuthi ukholo olungelamisebenzi lufile? U-Abrahama ubaba akalungisiswanga yini ngemisebenzi, lapho enikela u-Isaka indodana yakhe e-altare na? Uyabona ukuthi ukukholwa kwasebenza kanye nemisebenzi yakhe, nokuthi ukholo lwapheleliswa ngemisebenzi? Kwase kugcwaliseka umbhalo othi: U-Abrahama wakholwa nguNkulunkulu, kwabalelwa kuye ukuthi kungukulunga, wabizwa ngokuthi uMngane kaNkulunkulu. Niyabona-ke ukuthi umuntu ulungisiswa ngemisebenzi, kungengokukholwa kuphela. Ngokunjalo noRahabi isifebe akalungisiswanga yini ngemisebenzi, esezamukele izithunywa, esezikhiphe ngenye indlela? Ngokuba njengalokhu umzimba ngaphandle komoya ufile, kanjalo nokukholwa ngaphandle kwemisebenzi kufile.

EkaJakobe 2:14-26 CZB24 (Contemporary Zulu Bible 2024)