Ngokuba usho kanje uJehova, uthi: “Emva kokuba iminyaka engamashumi ayisikhombisa isiphelile eBabele, ngiyakunibheka, ngiligcwalise izwi lami elihle ngokunibuyisela kule ndawo. Ngokuba ngiyazi mina imicabango engiyicabangayo ngani,” usho uJehova, “imicabango yokuthula, kungabi ngeyokubi ukuba ngininike ithemba. Khona niyakungibiza, nihambe, nikhuleke kimi, ngiyakunilalela; Niyakungifuna, ningifumane, lapho ningifuna ngenhliziyo yenu yonke. Ngiyakufunyanwa kini, usho uJehova; ngiyakukubuyisa ukuthunjwa kwenu, nginibuthe ezizweni zonke nasezindaweni zonke lapho enginixoshele khona,” usho uJehova; ngizalibuyisela endaweni lapho enganithumbela khona.
Funda UJeremiya 29
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: UJeremiya 29:10-14
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo