Mathewu 22:34-40
Mathewu 22:34-40 CZB24
Kodwa abaFarisi sebezwile ukuthi uJesu ubathulisile abaSadusi, babuthana ndawonye. Omunye wabo ongumthetho wambuza, emlinga, wathi. Mfundisi, imuphi umyalo omkhulu emthethweni na? UJesu wathi kuye: “Woyithanda iNkosi uNkulunkulu wakho ngayo yonke inhliziyo yakho, nangawo wonke umphefumulo wakho, nangayo yonke ingqondo yakho. Lona ngumyalo wokuqala nomkhulu. Owesibili ofana nawo uthi: Wothanda umakhelwane wakho njengalokhu uzithanda wena. Kuleyo miyalo emibili kubambelela umthetho wonke nabaprofethi.



