Mathewu 5:14-16
Mathewu 5:14-16 CZB24
Nina ningukukhanya kwezwe. Umuzi ophezu kwentaba awunakufihlakala. Futhi abantu abasosi isibani basibeke ngaphansi kwesitsha, kodwa basibeke othini; futhi ikhanyisela bonke abasendlini. Kanjalo makukhanye ukukhanya kwenu phambi kwabantu, ukuze babone imisebenzi yenu emihle, badumise uYihlo osezulwini.




