Amahubo 126

126
Amahubo 126
UJehova usenzele izinto ezinkulu
1(Ihubo.) Lapho uJehova eguqula isabelo saseSiyoni, sasinjengabaphuphayo.
2Khona umlomo wethu wawugcwele ukuhleka nolimi lwethu ukuhuba; bathi phakathi kwezizwe: UJehova ubenzele izinto ezinkulu.
3UJehova usenzele izinto ezinkulu; esijabula ngakho.
4Buyisa isiphetho sethu, Jehova, njengemifula yaseningizimu.
5Abahlanyela ngezinyembezi bazavuna ngentokozo.
6Ophuma ekhala ethwele imbewu eyigugu uyakubuya ngokuthokoza, alethe izinyanda zakhe;

Okuqokiwe okwamanje:

Amahubo 126: CZB24

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume