Amahubo 93

93
Amahubo 93
1UJehova uyinkosi, wembethe ubukhosi; uJehova wembethe amandla, azibhincile; nezwe lilungisiwe, ukuze linganyakaziswa.
2Isihlalo sakho sobukhosi simi kwasendulo, wena ukhona kwaphakade.
3Imifula iphakamisile, Jehova, imifula iphakamisile izwi layo; izikhukhula ziphakamisa amaza azo.
4UJehova oPhezukonke unamandla kunokuhlokoma kwamanzi amaningi, yebo, kunamaza amakhulu olwandle.
5Ubufakazi bakho buqinile kakhulu; ubungcwele buyindlu yakho, Jehova, kuze kube phakade.

Okuqokiwe okwamanje:

Amahubo 93: CZB24

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume