1 kaJohane 2:15-17
1 kaJohane 2:15-17 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Ningathandi izwe nezinto ezisezweni. Uma umuntu ethanda izwe, uthando lukaBaba alukho kuye. Ngokuba konke okusezweni, inkanuko yenyama, nenkanuko yamehlo, nokuzigabisa ngalokhukuphila, akuveli kuYise, kodwa kuvela ezweni. Izwe liyadlula kanye nenkanuko yalo, kepha owenza intando kaNkulunkulu uhlala kuze kube phakade.
1 kaJohane 2:15-17 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Ningalithandi izwe nezinto ezikulo. Uma umuntu ethanda izwe, alukho kuye uthando lukaYise. Ngokuba konke okusezweni; inkanuko yemvelo yomuntu, inkanuko yamehlo, ukuzigabisa ngalokhu kuphila, akuveli kuYise, kodwa ezweni. Izwe liyadlula nenkanuko yalo. Kepha owenza intando kaNkulunkulu uhlala kuze kube phakade.
1 kaJohane 2:15-17 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Ningathandi izwe nezinto ezisezweni. Uma umuntu ethanda izwe, uthando lukaYise alukho kuye, ngokuba konke okusezweni, inkanuko yenyama, nenkanuko yamehlo, nokuzigabisa ngalokhu kuphila, akuveli kuYise, kodwa kuvela ezweni. Izwe liyadlula kanye nenkanuko yalo; kepha owenza intando kaNkulunkulu uhlala kuze kube phakade.
1 kaJohane 2:15-17 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)