1 kaJohane 4:7-8 - Qhathanisa Zonke Izinguqulo
1 kaJohane 4:7-8 ZUL59 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
Bathandekayo, masithandane, ngokuba uthando luvela kuNkulunkulu, nabo bonke abathandayo bazelwe nguNkulunkulu, bayamazi uNkulunkulu. Ongathandiyo akamazi uNkulunkulu, ngokuba uNkulunkulu uluthando.
1 kaJohane 4:7-8 ZUL20 (IsiZulu 2020)
Bathandekayo, kumele sithandane, ngokuba uthando luvela kuNkulunkulu; bonke abanothando bazelwe nguNkulunkulu, futhi bayamazi uNkulunkulu. Ongathandiyo akamazi uNkulunkulu, ngokuba uNkulunkulu uluthando.
1 kaJohane 4:7-8 ZULUNT (Baasraak Zulu New Testament Bible)
Bathandekayo, masithandane, ngokuba uthando luvela kuNkulunkulu; futhi wonke onothando uzelwe nguNkulunkulu, futhi uyamazi uNkulunkulu. Ongathandiyo akamazi uNkulunkulu; ngoba uNkulunkulu uluthando.
1 kaJohane 4:7-8 CZB24 (Contemporary Zulu Bible 2024)
Bathandekayo, masithandane, ngokuba uthando luvela kuNkulunkulu; futhi wonke onothando uzelwe nguNkulunkulu, futhi uyamazi uNkulunkulu. Ongathandiyo akamazi uNkulunkulu; ngoba uNkulunkulu uluthando.