1 KaJohane 4

4
Hlolani Omoya
1 Bathandekayo, ningakholwa yibo bonke omoya, kodwa bahloleni omoya ukuthi ngabe bangabakaNkulunkulu yini. Ngokuba baningi abaphrofethi bamanga abaphumele ezweni. 2 UMoya kaNkulunkulu niyakumazi ngalokhu: bonke omoya abakuvumayo ukuthi uJesu Khristu uzelwe waba ngumuntu bangabakaNkulunkulu. 3 Lowo moya ongamvumi uJesu Khristu, akasiye okaNkulunkulu; lowo moya-ke ungokamphikukhristu, lo enitshelwe ngaye ukuthi uyeza, manje-ke usefikile ezweni.
Ukuthanda UNkulunkulu Nokuthanda Abantu
4 Nina bantwanyana ningabakaNkulunkulu, nibahlulile, ngokuba lo okini mkhulu kunalowo osezweni. 5 Bona bangabezwe; ngalokho bakhuluma okwezwe, nezwe liyabezwa. 6 Thina singabakaNkulunkulu; omaziyo uNkulunkulu uyasizwa, ongesiye okaNkulunkulu akasizwa. Ngalokho siyamazi umoya weqiniso nomoya wokuduka.
Uthando Luyikho Konke
7 Bathandekayo, kumele sithandane, ngokuba uthando luvela kuNkulunkulu; bonke abanothando bazelwe nguNkulunkulu, futhi bayamazi uNkulunkulu. 8Ongathandiyo akamazi uNkulunkulu, ngokuba uNkulunkulu uluthando. 9 Uthando lukaNkulunkulu walubonakalisa kithi ngokuthi athumele ezweni iNdodana yakhe ezelwe yodwa, ukuba siphile ngayo. 10 Uthando lukulokhu: akusikho ukuthi thina samthanda uNkulunkulu, kodwa Yena wasithanda thina, wathumela iNdodana yakhe ibe yinhlawulo ngezono zethu.
11 Bathandekayo, uma uNkulunkulu asithanda kanjalo, nathi simelwe ukuthandana. 12 Akekho umuntu osewake wabona uNkulunkulu. Uma sithandana, uNkulunkulu uhlala kithi, nothando lwakhe luphelele kithi.
13 Ngenxa yokuba esiphe okoMoya wakhe, ngalokho siyazi ukuthi sihlala kuye, naye kithi. 14 Thina sibonile, futhi siyafakaza ukuthi uYise wayithuma iNdodana ukuba ibe nguMsindisi wezwe. 15 Lowo ovuma ukuthi uJesu uyiNdodana kaNkulunkulu, uNkulunkulu uhlala kuye, naye kuNkulunkulu. 16 Thina siyalwazi, futhi siyakholwa yilolu thando uNkulunkulu analo ngathi. UNkulunkulu uluthando nalowo ohlala othandweni uhlala kuNkulunkulu, noNkulunkulu uhlala kuye. 17 Ngenxa yalokho uthando luphelelisiwe kithi, ukuze kuthi ngosuku lokwahlulelwa sime ngesibindi, ngokuba njengalokhu Yena eluthando, nathi sinjalo kuleli zwe. 18 Akukho ukwesaba othandweni. Uthando olupheleleyo luyakuxosha ukwesaba, ngokuba ukwesaba kunesijeziso nowesabayo akaphelele othandweni.
19Thina siyathanda, ngokuba nguYena owasithanda kuqala. 20 Kepha uma umuntu, ethi: “Ngiyamthanda uNkulunkulu,” kodwa ezonda umzalwane wakhe, ungumqambimanga. Ngokuba lowo ongamthandi umzalwane wakhe ambonayo angemthande uNkulunkulu angambonanga. 21 Yebo, wasinika lo myalo, uvela kuNkulunkulu, masiwugcine. Lo myalo uthi othanda uNkulunkulu, makamthande nomzalwane wakhe.

Okuqokiwe okwamanje:

1 KaJohane 4: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume