1 AmaKhosi 2:2-4
1 AmaKhosi 2:2-4 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
“Mina sengihamba indlela yawo wonke umhlaba; ngalokho qina, ube yindoda, ugcine isiyalezo sikaJehova uNkulunkulu wakho ukuba uhambe ezindleleni zakhe, ugcine izimiso zakhe, nemiyalo yakhe, nezahlulelo zakhe, nobufakazi bakhe njengokulotshiweyo emthethweni kaMose, ukuze uphumelele kukho konke okwenzayo nakukho konke okubhekayo, ukuze uJehova aqinise izwi lakhe alikhuluma ngami ngokuthi: ‘Uma abantwana bakho begcina indlela yabo ukuba bahambe phambi kwami eqinisweni ngayo yonke inhliziyo yabo nangawo wonke umphefumulo wabo, awuyikuntula muntu – washo njalo – esihlalweni sobukhosi sakwa-Israyeli.’
1 AmaKhosi 2:2-4 IsiZulu 2020 (ZUL20)
“Mina sengizohamba indlela ehanjwa yibo bonke abaphilayo, ngakho-ke wena qina, ube yindoda. Gcina isiyalezo akuyala ngaso uSimakade uNkulunkulu wakho, uhambe ezindleleni zakhe. Gcina izimiso zakhe, imithetho yakhe, imiyalo yakhe nobufakazi bakhe, njengalokhu kubhalwe emthethweni kaMose, ukuze uphumelele kukho konke oyokwenza nakulokho oyophendukela kukho. Ngalokho uSimakade uyakuqinisa izwi lakhe alikhuluma maqondana nami, lapho ethi: ‘Uma abozalo lwakho beyoqaphela indlela yabo, bahambe ngobuqotho phambi kwami ngenhliziyo yabo yonke nangawo wonke umphefumulo wabo, akuyukusweleka muntu kubo oyohlala esihlalweni sobukhosi sika-Israyeli.’
1 AmaKhosi 2:2-4 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Mina ngihamba indlela yomhlaba wonke; khona-ke qina, uzibonakalise uyindoda; ugcine umyalo kaJehova uNkulunkulu wakho, uhambe ezindleleni zakhe, ugcine izimiso zakhe, nemiyalo yakhe, nezahlulelo zakhe, nobufakazi bakhe, njengokulotshiweyo emthethweni kaMose, ukuze uphumelele kukho konke okwenzayo; futhi nomaphi lapho uphendukela khona; ukuze uJehova agcine izwi lakhe alikhuluma ngami ngokuthi: “Uma abantwana benu beqaphela indlela yabo, ukuhamba phambi kwami ngeqiniso ngayo yonke inhliziyo yabo nangawo wonke umphefumulo wabo, aniyikuswela,” usho uJehova. Umuntu esihlalweni sobukhosi sika-Israyeli.