1 kaPetru 3:8-9
1 kaPetru 3:8-9 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Okokugcina yibani nhliziyonye nonke, nizwelane, nithandane ngokwabazalwane, nibe nobubele nokuthobeka. Ningaphindisi okubi ngokubi, inhlamba ngenhlamba; kepha busisani, ngokuba nabizelwa lokho, ukuba nidle ifa lokubusiswa.
1 kaPetru 3:8-9 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Elokugcina manibe nomqondo munye nonke, nihawukelane, nithandane njengabazalwane, nihawukele, nibe nomusa; ningaphindiseli okubi ngokubi, nokuthuka ngokuthuka, kodwa ngokuphambene nibusise; nazi ukuthi nabizelwa lokho, ukuze nidle ifa lesibusiso.
1 kaPetru 3:8-9 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Okokugcina, manibe nhliziyonye nonke, nihawukelane, nithandane ngokwabazalwane, nibe nobubele nokuthobeka, ningaphindisi okubi ngokubi nokuthuka ngokuthuka, kepha kakhulu manibusise, ngokuba nabizelwa lokho ukuba nidle ifa lokubusiswa.
1 kaPetru 3:8-9 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)