1 uSamuweli 11:6-7
1 uSamuweli 11:6-7 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Esekuzwile lokho uSawule, uMoya kaNkulunkulu wehlela phezu kukaSawule; wathukuthela wagana unwabu. Wathatha izinkabi ezimbili, wazihlahlela, wathumela izithunywa nazo kuyo yonke imingcele yakwa-Israyeli, wathi: “Ongezukuphuma alandele uSawule noSamuweli kuzokwenzeka kanje ezinkabini zakhe.” Ingebhe ngoSimakade yehlela phezu kwabantu, baphuma kwangathi bamuntu munye.
1 uSamuweli 11:6-7 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
UMoya kaNkulunkulu wehlela phezu kukaSawule esezwile lawo mazwi; intukuthelo yakhe yavutha kakhulu. Wathatha izinkabi ezimbili, wazihlahlela, wazithuma emikhawulweni yonke yakwa-Israyeli ngesandla sezithunywa, ethi: “Ongaphumi emva kukaSawule noSamuweli kuyakwenziwa kanjalo kuzo izinkabi zakhe.” Ingebhe ngoJehova yehlela phezu kwabantu, baphuma njengomuntu munye.
1 uSamuweli 11:6-7 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
UMoya kaNkulunkulu wehlela phezu kukaSawule lapho ezwa lezi zindaba, intukuthelo yakhe yavutha kakhulu. Wathatha izinkabi, wazihlahlela, wazithuma ngesandla sezithunywa kuwo wonke umkhawulo wakwa-Israyeli, wathi: “Ongaphumi ukulandela uSawule noSamuweli, kuyakwenziwa kanjalo kuzo izinkabi zakhe.” Ukwesaba uJehova kwehlela phezu kwabantu, baphuma nganhliziyonye.