1 uSamuweli 13:13-14
1 uSamuweli 13:13-14 IsiZulu 2020 (ZUL20)
USamuweli wathi kuSawule: “Wenze ubuwula, awuwugcinanga umyalo kaSimakade uNkulunkulu wakho akuyale ngawo. USimakade ubezowuqinisa umbuso wakho kwa-Israyeli kuze kube phakade, kodwa manje umbuso wakho awusezukuqhubeka. USimakade uzifunele umuntu oqokwe yinhliziyo yakhe. USimakade ummisile ukuba abe ngumholi wabantu bakhe, ngokuba awukugcinanga lokho uSimakade akuyala ngakho.”
1 uSamuweli 13:13-14 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
USamuweli wathi kuSawule: “Wenze ngobuwula, awugcinanga umyalo kaJehova uNkulunkulu wakho akuyala ngawo, ngokuba uJehova ubeseyakuqinisa umbuso wakho kwa-Israyeli kuze kube phakade. Kepha manje umbuso wakho awuyikuqhubeka; uJehova usezifunele umuntu ngokwenhliziyo yakhe; uJehova ummisile abe ngumholi wabantu bakhe, ngokuba ungagcinanga lokho uJehova akuyala ngakho.”
1 uSamuweli 13:13-14 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
USamuweli wayesethi kuSawule: “Wenze ngobuwula; awuwugcinanga umyalo kaJehova uNkulunkulu wakho akuyala ngawo; ngoba manje uJehova ubezakuqinisa ubukhosi bakho phezu kukaIsrayeli kuze kube nininini. Kepha manje umbuso wakho awuyikuba khona; uJehova wazifunela indoda ethandwa yinhliziyo yakhe; uJehova wamyala ukuba abe ngumbusi phezu kwabantu bakhe, ngokuba awugcinanga lokho uJehova akuyala ngakho.