1 uSamuweli 2:12-17
1 uSamuweli 2:12-17 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Amadodana ka-Eli ayengabantu abakhohlakele; engamazi uSimakade. Kwakungumthetho wabaphristi kubantu ukuba nxa umuntu enikela ngomhlatshelo, kufike inceku yomphristi inyama isabila, iphethe imfologo ngesandla, ihlabe ngayo emcengezini, noma esocweni, noma ebhodweni, noma ekhanzini; konke ekukhiphayo imfologo, umphristi akuthathe kube ngokwakhe. Benza kanjalo eShilo kubo bonke abakwa-Israyeli ababefika khona. Kwakuthi engakashiswa amanoni, kufike inceku yomphristi ithi kumuntu owenza umhlatshelo: “Letha inyama eyokoselwa umphristi, ngokuba akazukuyithatha kuwe inyama ephekiweyo, kodwa eluhlaza.” Uma lowo muntu ethe kuyo: “Impela mabashise kuqala amanoni, andukuba uthathe inyama ngokuthanda kwakho,” yathi: “Hhayi, ilethe manje, uma ungayilethi ngizozithathela ngenkani.” Isono sezinsizwa sasisikhulu kakhulu phambi kukaSimakade, ngoba bawedelela umnikelo kaSimakade.
1 uSamuweli 2:12-17 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Amadodana ka-Eli ayengabantu ababi; ayengamazi uJehova. Kwakungumthetho wabapristi kubantu ukuba, nxa umuntu enikela ngomhlatshelo, kufike inceku yompristi inyama isabila, iphethe ngesandla ingwegwe emazinyo mathathu, ihlabe ngayo emcengezini, noma esocweni, noma ebhodweni, noma ekhanzini; konke ekwenyusayo ingwegwe, umpristi wakuthatha. Benze njalo eShilo kubo bonke abakwa-Israyeli ababefika khona. Yebo, bengakashisi amanoni, yafika inceku yompristi, yathi kumuntu ohlabayo: “Letha inyama yokoselwa umpristi, ngokuba akayikuthatha kuwe inyama ephekiweyo kepha eluhlaza.” Uma lowo muntu wathi kuye: “Bayakushisa nokushisa amanoni kuqala, besewuthatha njengokuthanda kwakho,” yathi: “Hhayi, woyiletha manje; uma ungayilethi, ngiyakuyithatha ngamandla.” Isono sezinsizwa sasisikhulu kakhulu phambi kukaJehova, ngokuba abantu bawudelela umnikelo kaJehova.
1 uSamuweli 2:12-17 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Amadodana ka-Eli ayengamadodana kaBheliyali; babengamazi uJehova. Umkhuba wabapristi phakathi kwabantu wawuwukuthi, lapho umuntu enikela ngomhlatshelo, kwafika inceku yompristi inyama isabila, iphethe ikona lenyama elinamazinyo amathathu esandleni sayo; Wakushaya epanini, noma embizeni, noma embizeni, noma embizeni; konke okwakhushulwa yikona lenyama, umpristi wazithathela yena. Yilokho abakwenza eShilo nabo bonke abantwana bakwa-Israyeli ababefika khona. Futhi bengakashisi amanoni, inceku yompristi yeza, yathi kumuntu onikela ngomhlatshelo: “Nika umpristi inyama yokosa; ngoba akayikucwiliswa inyama kuwe, kodwa eluhlaza. Uma umuntu ethi kuye: “Mabangashisi amanoni ngalesi sikhathi, bese uthatha njengokufisa komphefumulo wakho; wayesemphendula wathi: Cha; kodwa kufanele unginike yona manje; uma kungenjalo, ngiyakuyithatha ngamandla. Ngakho isono sabafana saba sikhulu kakhulu phambi kukaJehova, ngoba abantu babewuzonda umnikelo kaJehova.