1 uSamuweli 2:22-25
1 uSamuweli 2:22-25 IsiZulu 2020 (ZUL20)
U-Eli wayesemdala kakhulu, wezwa ngakho konke amadodana akhe ayekwenza kwa-Israyeli, nokuthi ayelala nabesifazane ababekhonza ngasemnyango wethende lokuhlangana. Wathi kuwo: “Nizenzeleni izinto ezinjalo na? Ngokuba ngiyezwa ngemisebenzi yenu emibi kubo bonke laba bantu. Qha, madodana ami, akusiwo umbiko omuhle engiwuzwa ukhulunywa ngabantu bakaSimakade ngani. Uma umuntu ona kumuntu, uNkulunkulu uyakumehlulela, kodwa uma umuntu ona kuSimakade, ngubani oyakumnxusela na?” Kepha awalalelanga izwi likayise ngokuba uSimakade wayefuna ukuwabulala.
1 uSamuweli 2:22-25 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
U-Eli wayesemdala kakhulu, wezwa konke amadodana akhe akwenzayo ku-Israyeli wonke, nokuthi ayelala nabesifazane ababekhonza ngasemnyango wetende lokuhlangana. Wathi kuwo: “Nenzelani izinto ezinjalo na? Ngokuba ngiyezwa imisebenzi yenu emibi kubo bonke laba bantu. Hhayi, madodana ami, akusilo izwi elihle engilizwayo lenekwa ngabantu bakaJehova. Uma umuntu ona kumuntu, uNkulunkulu uyakumahlulela, kepha uma umuntu ona kuJehova, uyakulanyulelwa ngubani na?” Kodwa awalalelanga izwi likayise, ngokuba uJehova wayethanda ukuwabulala.
1 uSamuweli 2:22-25 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
U-Eli wayesemdala kakhulu, wezwa konke amadodana akhe akwenzayo ku-Israyeli wonke; nokuthi balala kanjani nabesifazane ababebuthene ngasemnyango wetende lokuhlangana. Wathi kubo: “Nenzelani izinto ezinjalo na?” Ngoba ngiyezwa ngezenzo zakho ezimbi phakathi kwabo bonke lababantu. Cha, madodana ami; ngokuba akusiwo umbiko omuhle engiwezwayo: nenza abantu bakaJehova ukuba baphambuke. Uma umuntu ona komunye, umahluleli makamahlulele; kepha uma umuntu ona kuJehova, ngubani ongamlamulela na? Kodwa kabalilalelanga ilizwi lendoda, ngoba uJehova wayezababulala.